Kubhubhe izinkulungwane kuzamazama umhlaba e-Afganistan

Arthur Greene

Babalelwa ku-1 000 abantu asebeshonile ngesikhathi abanye abaningi belimele ngemuva kokuzamazama komhlaba okuhlasele isifunda esiseMpumalanga ye-Afghanistan ezintatha zangoLwesithathu.

Ividiyo ikhombisa inhlabathi edilikayo eqothula zonke izindlu ezakhiwe ngodaka njengoba ukuzamazama kwe-5.9-magnitude kuzamazamisa isifundazwe sase-Paktika esinezintaba.

Ezinye iziqeshana zamavidiyo zikhombisa abantu abalimele bekhishwa ngendiza enophephela emhlane emfucumfucwini bephuthunyiswa esibhedlela kulokho okubizwa ngokuzamazama komhlaba okubi kakhulu ezweni eminyakeni engamashumi amabili.

Isikhulu se-Taliban sibike ukuthi inani labashonile limi ku-1,000, kodwa lesi sibalo singenyuka njengoba abezimo eziphuthumayo belwela ukuhlenga labo abavaleleke ngaphansi komhlaba.

Umholi we-Taliban uHibatullah Akhundzada uthe izindlu eziningi zicekeleke phansi kanti bangaphezu kuka-1,000 abantu abalimele, kubika i-BBC.

Imvula enamandla iphazamise imizamo yokuhlenga futhi i-Taliban icele usizo lwamazwe ngamazwe.

“Iziphathimandla zezwe [i-Taliban] ekuseni zicele iNhlangano yeZizwe eziHlangene e-Afghanistan ukuthi ibaxhase mayelana nokuhlola izidingo kanye nokusabela kwabathintekile,” kusho uSam Mort we-Unicef etshela i-BBC.

INhlangano yeZizwe eziHlangene kanye ne-European Union ziye zasabela obizweni, zathumela amathimba okusabela ezindaweni eziningi ezithintekile.

UKarim Nyazai ubesedolobheni lase-Khost, inhloko-dolobha yesifundazwe ngesikhathi kuqala ukuzamazama komhlaba. Ugijime wabuyela esigodini sangakubo wathola ukuthi kushone amalungu omndeni wakhe angu-22.

“Bengikude nomndeni wami ohlala esigodini esiqhelile esifundeni sase-Gyan. Ngiye khona ngokushesha ngesikhathi ngithola imoto ekuseni,” kusho yena etshela i-The Guardian.

“Isigodi sonke sivalekile. Abakwazile ukuphuma ngaphambi kokuthi kube nokuzamazama komhlaba bakwazile ukukhipha izidumbu zabathandiweyo babo emfucumfucwini. Bekugcwele izidumbu ezisongwe ngezingubo yonke indawo.

“Ngilahlekelwe amalungu angu-22 omndeni wami [nezihlobo] okubalwa kubo udadewethu kanye nabafowethu abathathu. Bangaphezu kuka-70 abantu bakulesi sigodi abashonile.”

Umthombo wesithombe: @KhaledBeydoun

Izihloko zakamuva