Kubhubhe abangu-15 kwenyantisa igazi

Kushone abangu-15 engozini enyantisa igazi eyenzeke ngesikhathi iloli lishayisana netekisi ebigcwele phama ku-N9 ngase-Middleburg ngeSonto ebusuku.

Ngokusho koMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, umshayeli weloli kusolakala ukuthi ushayise isilwane esithile  wabe useyahluleka ukulawula inqola yeloli.

Ngesikhathi umshayeli ezama ukulawula inqola yeloli ivele yawela phezu kwetekisi ebihamba ngakolunye uhlangothi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape u-Unathi Binqose uthe bonke abagibeli abangu-15 abebegibele itekisi bashonile kuhlanganisa nomshayeli.

Phakathi kwabashonile bekukhona abesifazane abayisishiyagalolunye, abesilisa abane, usana nosacathula. Umshayeli weloli uphunyuke enemihuzukwana.

Abagibeli betekisi bebehambele umngcwabo edolobheni elincane lase-Tsolo, e-Eastern Cape kanti bebesendleleni ebheke eKapa ngesikhathi ingozi enyantisayo idlula nemiphefumulo yabo.

“Uhlelo lokuhlonza izidumbu zabashonile kulindeleke ukuthi luqale,” kusho uBinqose.

“Izidumbu zidluliselwe emakhazeni kahulumeni e-Komani ukuze kube lula ukuhlonzwa yizihlobo ezizobe ziphuma emadolobheni asendaweni eyayibizwa nge-Transkei.”

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

“Abaphathi be-SAPS e-Eastern Cape bayaxolisa kakhulu ngokulahlekelwa yimiphefumulo eminingi kangaka,” kusho uMene.

“Ukushonelwa abantu esibathandayo kungazelelwe nangendlela edabukisayo kubuhlungu ngempela futhi imicabango yethu nemikhuleko ikanye nemindeni njengoba idlula kulobu buhlungu obungacabangeki.”

Luhlanganiswe ngu-Anita Dangazele

Isithombe esingenhla: Indawo  yesigameko sengozi enyantisayo edlule nemiphefumulo engu-15 ku-N9 ngase-Middleburg, e-Eastern Cape

Umthombo wesithombe: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva