Kubhubhe abangu 11 kwenyantisa igazi e-EC

Umgwaqo odume kabi u-R61 ohlanganisa i-Flagstaff ne-Lusikisiki udlule nemiphefumulo yabantu abangu-11 ngesikhathi ibhasi elihamba ibanga elide lishayisana netekisi ngeSonto.

Okungenani abagibeli abangu-14 bathole ukulimala.

Amaphoyisa athe le ngozi eyenzeke endaweni yase-Flagstaff, e-Dlibona endleleni eya e-Lusikisiki idalwe isigameko sokushayisana kwebhasi i-City to City ebelinabagibeli abangu-18 kanye netekisi ebithwele abagibeli abangu-16.

“Abagibeli abangu-11 abebegibele itekisi bashonele endaweni yesigameko: abantu abadala abayisishiyagalolunye nezingane ezimbili bahlonzwe ngabezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko,” kusho amaphoyisa.

Imbangela yengozi isaphenywa iziphathimandla ezahlukene okubalwa kuzo ezakwa-SAPS, abezinhlekelele esifundazweni kanye noMnyango wezokuThutha kazwelonke.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, u-Unathi Binqose uthe bonke abashonile bebegibele etekisini wathi umshayeli wetekisi ulimale kabi.

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Esithombeni esingenhla: Isigameko sokushayisana kwebhasi netekisi phakathi kwe-Flagstaff ne-Lusikisiki e-Eastern Cape

Umthombo wesithombe: EC Department of Transport

Izihloko zakamuva