Kubhidlizwe isakhiwo esikhulu sasoLundi ebekwenzelwa kuso ubugebengu

Celani Sikhakhane

NgoMsombuluko ntambama, ogandaganda abakhulu nalaba abalayisha ngaphambili babhidlize isakhiwo esibizwa ngeZifubeni, besebenzisa isikhathi sabo ukubhidliza leli bhizinisini eselihlulekile futhi eseliphenduke indawo yezigebengu.

Le ndawo enkulu yavulwa eduze nesikhungo sedolobha endaweni yasoLundi KwaZulu-Natali ngowezi-2011 ivulelwa ukuthi ibe yisikhungo esinakekela osomabhizinisi abadayisa emgwaqeni.

Ngemuva konyaka le ndawo yayingasanakiwe isizitshwe nawuhulumeni wendawo, kwaphenduka indawo okudayiswa kuyo umzimba, kushushumbiswe izidakamizwa kanye nokuhushulwa kwezisu okungekho emthethweni.

Amaphoyisa aveze ukuthi sekukaningi ethola amahlule kuleyo ndawo.

Ngisho nabaphathi bamaphoyisa abathandi ukuya kuleya ndawo, bathi inobungozi kakhulu ukuthi bangayigada. Ilungu lamaphoyisa litshele i-Scrolla.Africa ukuthi le ndawo isibeke izimpilo zomphakathi ebungozini iminyaka eminingi.

“Le ndawo iyingozi kunoma ubani ngisho nakuthina amaphoyisa. Okuseqinisweni ukuthi kufanele ngabe umasipala wendawo kade wayivala le ndawo eminyakeni eyedlula” kusho iphoyisa elingafisanga igama lalo lidalulwe.

“NgoLwezi amaphoyisa ashawa ngamatshe ngesikhathi egade le ndawo. Kwakumele baphuthunyiswe esibhedlela” kusho iphoyisa.

Noma abanye bejabulile ukuthi lesi sakhiwo esibizwa ngeZifubeni sibhidliziwe, kodwa bekunamabhizinisi abevulwe kuleya ndawo asethole ukuphazamiseka.

UDiliza Mlambo, oyilungu lomphakathi ubediniwe ngesikhathi kubhidlizwa lesi sakhiwo.

“Asikweseki ukubhidlizwa kwesakhiwo esibizwa ngeZifubeni ngoba abantu abaningi basebenzisa leya ndawo ukuthola imali kanye nokubeka ukudla etafuleni yemindeni yabo” kusho uMlambo.

“Ingavalwa kanjani indawo enabantu abaningi abaphila ngayo emphakathini? Bekumele bathumele amaphoyisa ukugada le ndawo ngaphambi kokuba bathathe isinqumo sokuyivala”.

Ophethe umasipala wasoLundi uNkosenye Zulu uthe le ndawo izovula amathuba amaningi emisebenzi esemthethweni.

“Sizoyiphendula irenki yamatekisi ukuze osomatekisi bayisebenzise ngoba sibalekela ukuba isetshenziswe izigebengu” kusho uZulu.

“Bekukhona abantu besifazane abebesebenzisa le ndawo ngamabhizinisi abo asemthethweni, kodwa sinayo indawo abazoyisebenzisa badayise kuyona uma sesivule irenki yamatekisi”.

Izihloko zakamuva