Lubhalwe nguThathe Msimango
Uma kuqala umjaho weDusi Canoe Marathon namhlanje eMgungundlovu, uMsawenkosi Mtolo uzobe ebheke ifomu yakhe ebomvu ezomkhombisa ukuthi usesondele esicongweni.
Lo mjaho oyingqophamlando wamakhilomitha angu-120 waminyaka yonke wezinsuku ezintathu uzobe usuka emfuleni uMsunduzi kanti uzophothulwa ngoMgqibelo e-Blue Lagoon eThekwini.
Kulo nyaka amehlo azobe ethe njo kuMtolo njengoba ezoqopha umlando ngokuba ngumgwedli wokuqala omnyama ukunqoba lo mjaho eyedwa.
Ngonyaka ka-2008, umakadebona omnyama wezikebhe uThulani Mbanjwa wawina umjaho ngesikhathi egwedla noMartin Dreyer ngendlela ye-K2.
UMtolo (25) uthi usekwenze konke ukuze azilungiselele ekunqobeni lo mjaho.
“Amalungiselelo osuku lomjaho abe sezingeni eliphezulu ngazizwa ukuthi sengikulungele ukuqhudelana,” etshela i-Scrolla. Africa.
“Ngikwenze konke ebengikubona kuzodingeka. Njengoba ngibheke kulo mjaho kuningi engikucabangayo futhi ngizihlelele ukuze ngizilungiselele noma yini engase ngihlangabezane nayo emfuleni kanti okuhle kakhulu ukuthi angilimele ndawo.”
UMtolo, ohlala esigodini saseMkhambathini uhlale esebenzisa umzila weDusi ukuzilolonga okumenza aphumelele.
“Ngike ngawabheka amanzi ukuthi angakanani ngiwabone ephakeme kunokwejwayelekile, sibe nezinye izimvula ezinyangeni ezimbili ezedlule ezenze umfula ugcwale kodwa umzila ngiyawazi njengoba ngiziqeqesha khona ngakho-ke anginankinga nokugcwala kwamanzi.”
Ebuzwa ukuthi ngabe uyintandokazi yomjaho yini uMtolo akazange afune ukuphawula ngalokhu nakuba eveze ukuthi uzimisele ngokuwunqoba lo mjaho.
“Ngabe yimina oyintandokazi ukuwunqoba? angeke ngibeke kanjalo, kodwa ngiyafisa ukuwunqoba ngelinye ilanga. Angazi noma kuzokwenzeka kulo nyaka noma ngonyaka ozayo, kodwa ekugcineni kuzokwenzeka.
“Kuyiphupho lami,” engeza.
UMtolo uphume isibili emjahweni we-K2 nyakenye ngesikhathi ehambisana noMbanjwa.
Osesithombeni esingenhla: UMsawenkosi Mtolo
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe