Kubhekwe lukhulu koqokwe kwelesizwe 

UHugo Brooks uthwele kanzima ukuthola umshayi magoli othembekile kuze kube manje selokhu aqokwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngoNhlaba ngo-2021, kubhala uMichael Madyira.

IBafana ifuna ukuzuza okuningi emazingeni aphezulu ikakhulukazi ngokushaya amagoli.

Abagadli abaningi okubalwa kubo uTshegofatso Mabasa, u-Evidence Makgopa, uFagrie Lakay, uLuther Singh, u-Ashley du Preez kanye noVictor Letsoalo bahlulekile ukuziveza njengabadlali abangathenjwa ukuhola ukuhlasela kweqembu lakuleli.

Asenciphile amathuba okuthi abanye balaba badlali babuyele eqenjini lesizwe.

UBongokuhle Hlongwane, uLyle Foster kanye noZakhele Lepasa nabo bathwale kanzima ukuzibonakalisa njengabashayi magoli eqenjini lesizwe.

Umsebenzi kaPercy Tau wamazwe ngamazwe uphazanyiswe ukulimala kanti umgadli we-Strasbourg uLebo Mothiba usaqhubeka nokunganakwa nokuyinto emenza akhohlakale.

I-Premier Soccer League (PSL) yehlulekile ukukhiqiza abadlali bakuleli abangabadlali ababukhali kanti lokho kuholele ekutheni kuphazamiseke iqembu lesizwe.

UBroos ophelelwe ithemba kuzo zonke izinkundla zakhe uphoqeleke ukuthi abize abagadli abangalitholanga ithuba eliqinisekisiwe lokushaya amagoli.

Kodwa manje useqoke uCassius Mailula.

Lesi sihlabani seMamelodi Sundowns sike saduma ku-PSL ngokushaya amagoli. Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha eqale ukudlala esigabeni esiphezulu uMailula angahle athole i-PSL Golden Boot futhi usezithole eseqenjini leBafana.

Manje njengoba sekusondele ukuthi adlale emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe kulindelwe okuningi kulo mdlali (21).

IBafana ilungiselela imidlalo elandelanayo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations yakulo nyaka lapho ezobhekana khona ne-Liberia futhi kunenkolelo yokuthi uMailula nguyena ozonikeza izimpendulo mayelana nokushoda kwamagoli eqenjini likaBroos.

Abukho ubulungiswa ekutheni kulindelwe okuningi kulo mdlali weSundowns, kodwa usekhombise amandla okuwuthwala lo mthwalo.

Ngasekupheleni kwanyakenye wenza umsebenzi oncomekayo ngesikhathi ehola iSundowns ngesikhathi uPeter Shalulile engekho futhi wadlala njengomakadebona ku-CAF Champions League.

UMailula unenhlahla njengoba esezodlala umdlalo wakhe wokuqala wamazwe ngamazwe lapho azobhekena khona nezimbangi ezingeyona ingozi kakhulu futhi lokho kwehlisa ingcindezi.

Ukuqokwa kukaMailula kuletha ithemba ebholeni lakuleli.

Esithombeni esingenhla: UCassius Mailula

Umthombo wesithombe: SAFA

Izihloko zakamuva