Kubhekwe iBanyana edlala ngokuzimisela

Dylan Bettencourt

Imizuzu engu-90 kuphela ehlukanisa iBanyana Banyana ekunqobeni indebe yokuqala ngqa ye-Women’s Africa Cup of Nations (i-Wafcon).

➤ Yize ike yaba kowamanqamu izikhathi ezinhlanu ezahlukene elakuleli alikaze liphakamise isicoco se-Wafcon.

Kodwa kulokhu kwehlukile i-Nigeria ayimile endleleni yabo. Bekumele basabe i-Morocco okuyiyona ebisingathe imidlalo.

Yize i-Morocco ingase ixhaswe ngabalandeli iBanyana iya kulo mdlalo njengezintandokazi.

Umdlalo wamanqamu ubukeka uyisiphetho esihle njengoba engekho amaqembu ahluliwe kulo mqhudelwano, kodwa kukhona okumele anqobe ekugcineni.

Nakuba amakhono eBanyana okuhlasela engakagqami kuze kube manje, umdlalo wamanqamu ngoMgqibelo uyindawo ekahle yokukhombisa ukuthi banakho okudingekayo ukuze babe ngabaphambili e-Afrika.

Kukhombisa inqubekelaphambili eseyenziwe iqembu njengoba bekulindeleke ukuthi lidlulele kowamanqamu kanti ukuhlulwa e-Stade Prince Moulay Abdallah kungaba indumalo enkulu.

IBanyana iphethe konke ezandleni zayo, isizwe sonke sizobe sibeseka sibukela kumabonakude ngethemba lokuzibonela umlando.

Abantu bakuleli bazobe bebuka iqembu labo lesizwe liphakamisa ifulegi lakuleli njengabesifazane abahamba phambili e-Afrika ngoMgqibelo ngehora leshumi ebusuku,  umdlalo uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 202. 

➤ Ama-Proteas azobe elindele ukunqoba ngoLwesihlanu uma esebhekene ne-England kwi-ODI yesibili.

Elakuleli lidlale umdlalo wokuqala ngoLwesibili ngokunqoba ngama-runs angu-62 kanti okunye ukunqoba kuzoba kuhle kakhulu.

Isimo sezulu esishisayo e-England senze ama-Proteas azizwa esekhaya njengoba i-England ibijuluka elangeni elishisayo futhi lokhu kungase kusize elakuleli.

Umdlalo e-Old Trafford uhlelelwe ukuthi uqale ngehora lesibili ntambama njengoba ama-Proteas engase aqedele khona uchungechunge lo mdlalo noma ashiyele iSonto.

I-ODI yesibili izovezwa bukhoma ku-DStv channel 201 no-212.

➤ I-Formula 1 ibuya nalokho okungenzeka kube okokugcina kwe-French Grand Prix kule mpelasonto. 

I-French Grand Prix yokuqala yenzeka ngo-1906 kanti i-World Championship yokuqala ye-Grand Prix yabashayeli yenzeka ngo-1950. Imibiko yangaphambilini ikhomba ukuthi i-French Grand Prix ingase ikhishwe ekhalendeni ngonyaka ozayo ukuze ivule indlela ye-Vegas Grand Prix futhi mhlawumbe neyakuleli.

Cishe kunezinyanga ezimbili enganqobi umshayeli wethimba we-Ferrari uCharles Leclerc njengoba eqede ngaphambi kukaMax Verstappen ku-Austrian Grand Prix emasontweni amabili edlule.

Iqembu lase-Italy lizobe linethemba lokuthi umfutho uzobayisa kwenye impumelelo e-Paul Ricard Circuit.

Nokho ukushisa okuqhubekayo e-Europe kungase kubavimbe ekwenzeni lokho njengoba iqembu le-Ferrari libe nenkinga lezimoto ezihlushwa injini.

Ngakolunye uhlangothi i-Red Bull izobe inethemba lokudlala ngokuzimisala ngemuva kokuphoxeka e-Austria futhi ibuyele endleleni iphinde ithole i-constructor championships  okokuqala ngqa eminyakeni engaphezu kweshumi.

Lo mjaho we-French Grand Prix uhlelelwe ukuqala ngehora lesithathu ntambama ngeSonto  kanti lo mjaho uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 215.

Umthombo wesithombe: @Banyana_Banyana

Izihloko zakamuva