Kubhekwa ingcindezi amaBhokobhoko angabhekana nayo kweyomhlaba 

URichie Mo’unga, uBauden Barrett kanye noDamian McKenzie ngisho noma uzama ukuziqinisekisa ukuthi akunandaba ukuthi lezi zihlabani zingobani bafanelwe inhlonipho ethile – inani elikhulu lenhlonipho, kubhala uLucky Maree.

Laba bangabanye abangama-flyhalves abadlale emqhudelwaneni we-Super Rugby Pacific obuse-New Zealand emasontweni ambalwa edlule.

ENyakatho nenkabazwe kukhona oyi-flyhalf wase-Ireland u-Johnny Sexton. URomain Ntamack udlalela i-France. U-Owen Farrell ogqoka inombolo yeshumi udlalela iNgilandi.

Futhi bonke laba badlali cishe bazoba khona kwiNdebe Yomhlaba (kanye nokubamba iqhaza komdlali ogangile uJohnny Sexton okukhulunywa ngakho).

Yini esinayo kuleli? SinoManie Libbok kanye noDamian Willemse – bobabili bangompetha bakusasa. Siphinde sibe noHandre Pollard. Ingabe akulungile yini ukumbiza ngesihlabani sangaphambilini?

Abangabhekwanga esikwatini uTinus de Beer noChris Smith. Bomabili bangama-flyhalves adlala kahle uma beqhathwa bodwa ku-Currie Cup. URuan Pienaar (39) (umakadebona oyi-scrumhalf ophushelwe emsebenzini wokuba i-flyhalf) okungenani udlala kahle njengoSmith noma uDe Beer – futhi lokho kuyethusa.

Uma kuwukuthi bekufanele ukhethe kubo bonke abadlali emhlabeni ukuze wakhe isikwati sabadlali abangu-15 abaphelele kwiNdebe yoMhlaba ungakhetha bani phakathi kukaTinus de Beer noRichie Mo’unga?

Kodwa-ke, ningamkhohlwa u-Elton Jantjies. Manje lelo igama elifaka ukwesaba ezinhliziyweni eziningi – ikakhulukazi ezinhliziyweni zabalandeli bakuleli. Ngabe ukufaka uJantjies eqenjini lamaBhokobhoko kuwuphawu lokuthi isimo sibi kangakanani, noma kwenzakalani?

U-Eddie Jones unoQuade Cooper eqenjini lakhe lase-Australia. UCooper ngokusemandleni akhe ufana nongcono kakhulu kodwa uma ehluleka – njengoba evame ukwenza – uyesabeka. Nakhu akuxaka ngempela uma ukhetha isikwati sakho sabadlali abangu-15 abasezingeni eliphezulu. Ungakhetha bani phakathi kuka-Elton Jantjies noQuade Cooper?

Kuhlezi kunzima uma kukhethwa abadlali abanohlonze uma bedlala kahle kodwa ungazi ukuthi bazokwenzani uma besenkundleni. U-Elton Jantjies akagcini nje ngokuba ingozi kumaBhokobhoko uma edlala – uyingozi ngisho engekho enkundleni.

Ayikho into emnandi njengokuphumelela futhi kuhlezi kuyingozi ukungabaza ukuthathwa kwezinqumo kukaRassie Erasmus noJacques Nienaber. Ngezinye izikhathi benza izinqumo ezimangalisayo kodwa cishe ngaso sonke isikhathi zibonakala zilungile.

URassie usekufakazele kaningi ukuthi uthembekile kubadlali bakhe futhi kungenye yezinto ezibalulekile ezimenza abe umqeqeshi ovelele – kodwa uJantjies ubonakala enokwethembeka okudlula yonke imikhawulo yokucabanga.

Ukuthemba uJantjies ngesikwati  kuyamangaza impela futhi lokho kuyinkinga – kodwa kugcizelela isihlabani sangempela esiya namaBhokobhoko kwiNdebe yoMhlaba.

Kuzo zonke izikhundla amaBhokobhoko amatanisa indoda nendoda nabangcono kakhulu emhlabeni. Wozani noyedwa size nabo bonke. Kodwa kungenxa yesizathu esihle ukuthi indawo ye-flyhalf ivame ukubizwa ngokuthi i-pivot – futhi ibalulekile. Kodwa leso isona sikhundla esidonsa kanzima.

Okunye okudidayo okokugcina. Uma kuwukuthi ubungumqeqeshi weqembu elidlala namaBhokobhoko kwiNdebe yoMhlaba yimuphi umdlali obungamkhomba njengobuthakathaka eqenjini lamaBhokobhoko? U-Eben Etzebeth noma u-Elton Jantjies?

Esithombeni esingenhla: UManie Libbok noDamian Willemse

Izihloko zakamuva