
Arthur Greene
“Ukuculela ukuthula” bekungumyalezo wangempelasonto e-Democratic Republic of Congo, njengoba izinkulungwane zithutheleke emkhosini wokuqala omkhulu wezwe selokhu kwaqala ubhubhane.
Umyalezo uyisiqubulo se-Festival Amani, ebijwayele ukubanjwa minyaka yonke edolobheni lase-Goma empumalanga ye-DRC.
Amaciko, ezomculo noma okunye, kuyahlangana ukuze kusakaze umlayezo ofanayo wokuthula nobunye esifundeni sezwe esasigcwele udlame eminyakeni yamuva.
Ukuhlasela kwamaqembu ahlomile besekujwayelekile ezifundazweni zase-North Kivu nase-Ituri. Ngesonto eledlule, abantu abangu-60, okuhlanganisa nezingane ezingu-15, babulawe ekhempini elikhoselisa abantu abashiywe dengwane ngenxa yodlame.
I-Africanews ichaze abahlali base-Goma ngokuthi “ngabaphile ngaphansi kokuvinjezelwa” ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule.
Kodwa lena bekuyimpelasonto yokugubha.
Omunye umdwebi, ongumdlali we-tuba u-Arsene Victor weqembu le-Fanfare du Lac Kivu, utshele i-The Guardian ukuthi lo mkhosi “uyindawo yokwabelana ngenjabulo” nokuchitha isikhathi ndawonye ngemuva kwe-Covid.
“Umkhosi we-Amani usisize ngokuthi sisebenzisane, sihlangane futhi sabelane nabanye, ngokuchitha izikhathi ezimnandi ndawonye. Kodwa, futhi, usisize ngokuthi sizame ukukhohlwa ngokwedlule. Lo mcimbi usenze saphupha futhi saba nethemba lokuthi kusasa kuzoba ngcono kunanamuhla,” esho.
I-Amani, okusho ukuthula ngesi-Swahali, yabamba umkhosi wayo wokuqala ngo-2013. Minyaka yonke, amaciko akhankasela ukuthula nezindaba zamalungelo abantu ngokuncebeleka. Abantu abangafika ku-36,000 bayijabulele imikhosi yalo nyaka.
“Umkhosi we-Amani akuwona umkhosi wokuthula. Akukho ukuthula okungagujwa empumalanga ye-DRC. Umkhosi we-Amani umkhosi wokuthi kube nokuthula,” kusho umqondisi womkhosi uGuillaume Bisimwa etshela iphephandaba.
“Simile, siyaziqhenya, futhi sizoqhubeka nokucula nokudansa”.