Celani Sikhakhane
NgoLwesibili, mhla zingama-26 kuMfumfu kuhlanganisa iminyaka eyisikhombisa yosuku lapho okwagasela khona iqulu lamadoda emzini kamama kaKelly Khumalo e-Vosloorus ladubula labulala uSenzo Meyiwa. USenzo wayeyisithandwa sikaKelly futhi engubaba wengane yakhe yesibili.
Inhloso yokubulala ngaleso sikhathi bekusolwa ukuthi bekuwukubamba inkunzi.
Umndeni wakwaMeyiwa awukaze namanje wamukele ukuthi omunye wabadlali abadumile bebhola eqenjini leBafana Bafana udutshulwe kubanjwa inkunzi nje.
USam Meyiwa, ubaba kaSenzo washona ngowezi-2019, enethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka ngokubulawa kwendodana yakhe. Kuthiwa washona ngenxa yenhliziyo ebuhlungu ngokuthi kwakubekwe izithiyo eziningi ukuze kutholakale ababulali bakaSenzo.
Kuze kube yimanje, umndeni ukholelwa ukuthi ungqondongqondo ekubulaweni kukaSenzo akakabekwa cala.
Ngempelasonto, umfowabo kaSenzo Meyiwa, uSfiso, okhulumela umndeni, uthe umndeni uyabonga ngokuthi icala lize lafika enkantolo. Uthe banethemba lokuthi leli cala lizoqhutshwa ngokushesha.
Kuyacaca ukuthi lokhu ngeke kwenzeke.
Umndeni wakwaMeyiwa obungathokozile usucele u-Advocate Gerrie Nel we-AfriForum ukuthi awusize ngokushushisa okuzimele njengoba usulahlekelwe yithemba kwezobulungiswa.
Omunye wabasolwa ngokubulala uSenzo Meyiwa, ubhekene namacala amabili okuzama ukubulala.
US’Tembu Sibiya uvele eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoMsombuluko noBongani Sandiso Ntanzi, uMthobisi Prince Mncube, uMthokoziseni Ziphozonke Maphisa, uSifisokuhle Sifiso kanye noNkani Ntuli ngokubulala uMeyiwa ngesihluku.
Ngesikhathi sokuvela kwala madoda enkantolo, kuvele ukuthi uSibiya usolwa ngokudubula owesifazane amahlandla ayisishiyagalolunye ehostela lase-Vosloorus.
Usuku lokuqulwa kwecala labo luhlelelwe umhla ziyi-11 kuya kumhla zingama-20 kuMbasa ngowezi-2022.
Umshushisi, u-Advocate George Baloyi, uthe uMbuso uhlangane nabo bonke abammeli babamangalelwa, mhla ziyisishiyagalombili kuNtulikazi ukuze kufinyelelwe izivumelwaneni ezithile.
UBaloyi uthe bavumelene ngokuthi bazothula izitatimende zofakazi abayisishiyagalolunye ebezigodliwe ngenxa yezizathu zokuphepha, wathi bazowaletha uma sekusele amasonto ayisithupha ngaphambi kosuku lokuqulwa kwecala.