
Dylan Bettencourt
Abantu abaningi bakholelwa ekutheni kumele kusolwe abalandeli ngenhlekelele eyenzeke enkundleni zemidlalo i-Olembe e-Cameroon ngoMsombuluko ebusuku.
Kodwa abalandeli abasinde kulesi sibhicongo enkundleni yezemidlalo bathi ubudedengu nokungahleleki kahle okuholele ekutheni kushone abalandeli abayisishiyagalombili kanye nokuthi abantu abangu-50 bangeniswe esibhedlela.
Lesi sibhicongo senzeke enkundleni yezemidlalo ngesikhathi abalandeli bezama ukungena ngenkani enkundleni ngaphambi komdlalo wesigaba somkhumulajezi phakathi kwe-Cameroon ne-Comoros.
Kuneminyango emithathu yokungena enkundleni yezemidlalo kodwa bekuvulwe owodwa kuphela kanti lokho kuphoqe izethameli ezingu-50,000 ukuthi zizame ukungena ngesango elilodwa elincane.
“Bekunamaphoyisa angu-10 noma angu-20 kuphela,” kusho uRomaric, ongumlandeli webhola obehambele lo mdlalo nozakwabo.
“Amaphoyisa abenganele ukuqapha isixuku sabalandeli abebengena enkundleni. Ngizwe omunye ethi inkundla isigcwele ngakho kumele bakhiye amasango”.
Amaphoyisa azamile ukuthi abantu basebenzise amanye amasango okungena kodwa abalandeli ngokwazi ukuthi amasango avaliwe bavele bangena ngenkani enkundleni. Sekuvele amavidiyo abalandeli begibela uthango ukuze bangene ngokushesha enkundleni.
“Wonke umuntu ubefuna ukungena emdlalweni. Abantu baqale ukungena ngenkani, begibela phezu kwabanye,” kusho uDkt Diana Bikele, ongudokotela esibhedlela sendawo.
Odokotela base-Centre des Urgences de Yaounde bathe abantu abaningi balimale ngenxa yokuthi banyatheliwe hhayi ukugibela uthango.
Inkundla imumatha abantu abangu-60,000 kuphela kodwa ngenxa yemikhawulo ye-Covid-19 kuvunyelwe u-80% kuphela wabantu ukungena enkundleni. Isibalo sabalandeli abebezama ukungena enkundleni besisikhulu kunalokho.
UMengameli we-Confederation of African Football (CAF), uPatrice Motsepe, uthe abantu abaningi ngaphandle kwenkundla basuke bezosusa isithukuthezi okuhlanganisa nabangenawo amathikithi.
“Ngicabanga ukuthi siyakwamukela ukuthi kufike lezo zinkulungwane zabantu ngaphezu kwalokho obekulindelekile.
“Ukube lawo masango ebevuliwe njengoba bekufanele ngabe asinayo le nkinga esinayo manje yokushona kwabantu,” kusho uMotsepe.
Umthombo wesithombe: @ABCNews