Lubhalwe nguMasoka Dube
USamantha Nwelana oneminyaka emine ubudala ube nenhlanhla yokuhlinzwa mahhala ukuze kulungiswe imbobo esenhlizweni yakhe kanti ngemuva kokuhlinzwa impilo yakhe ngeke iphinde ifane.
“Kuzobe kungokokuqala ukuthi uSamantha angazizwa izinhlungu,” kusho umama wakhe uNomfusi Nelwana ekhuluma esemzini wakhe e-Mandela Park ngaphandle kwase-Mthatha, e-Eastern Cape.
“Umndeni wethu ukubheke ngabomvu ukuba namaholidi amahle azohambisana nomgubho wokuhlinzwa kwakhe kwenhliziyo okuyimpumelelo.”
UNomfusi uthe ujabulile kakhulu ukuthi ukuhlinzwa kube impumelelo futhi nengane yakhe izoqala ngqa ukujabulela uKhisimusi njengezinye izingane.
Inkinga yenhliziyo kaSamantha yavela ngoNhlangulana nyakenye kanti isimo sakhe saba sibi kakhulu futhi kwadingeka ukuthi i-Pelo Foundation ingenele futhi imsize ngezimali.
USamantha ophethwe i-Congenital Heart Disease (CHD) uhlinzwe esibhedlela esizimele i-Busamed Modderfontein,e-Gauteng ngoLwesihlanu olwedlule.
I-CHD isimo lapho umntwana ezalwa enenkinga enhlizweni yakhe.
Umama wakhe uthe phambilini uSamantha wayechitha imigubho yakhe kaKhisimusi esezinhlungwini ngoba wayehlala ebuthaka futhi ekhathele.
“Kulo nyaka kuzohluka ngoba umndeni uzobe uhlangene ekhaya wabelana izipho zikaKhisimusi nentombazanyana ukuze ibone ukuthi ibalulekile kithina,” kusho uNomfusi.
“Bengihlale ngikhathazekile ngingazi ukuthi kuzokwenzekani ngaye njengoba ubehlezi egula kakhulu. Odokotela kwadingeka bahoxise ukuhlinzwa kokuqala ngesikhathi impilo yakhe ibuthaka kakhulu. Manje kulokhu okwesibili ingane yami ibinamandla futhi iphile saka.”
UNomfusi ukhombise ukubonga kubo bonke abenze ukuthi ingane yakhe ihlinzwe.
“USamantha usekhaya futhi uyalulama. Ngonyaka ozayo uzoqala ibanga lokuqala esikoleni.”
Okhulumela i-Pelo Foundation, uDudu Mvimbi Leshabane uthe: “USamantha ungomunye wabantwana abangu-13 abahlinzwa inhlangano kanye nabalingani bayo i-Busamed Private Hospital Group okuyisibhedlela okuhlinzwa khona izingane kuphinde kube khona ne-Wings and Wishes okuyinhlangano ezimele ehambisa izingane esibhedlela iphinde izibuyisele emuva emakhaya.”
ULeshabane uthe okwamanje isifundazwe sase-Eastern Cape sisodwa sinezingane ezilinganiselwa ku-500 ezisohlwini lwabalinde ukuhlinzwa kwenhliziyo ngenxa yesifo i-CHD.
Osesithombeni esingenhla nguSamantha Nwelana
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe