Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Achonywe uphaphe lwegwalagwala amaphoyisa aseZululand ngenxa yokuthwala ngokwethembeka izigidi zemali ezisinde kusha inxanxathela yezitolo kwaNongoma.
Lamaphoyisa kuthiwa le mali abeyisusa KwaNongoma ayiyisa eThekwini ngoba isale dengwane emlilweni oshiye umphakathi ubambe ongenzansi ngenyanga eyedlule.
UMnikazi wenkampani i-Pay Solutions ethwala imali uMnuz Wade Elliot, uthi okwenziwe yilamaphoyisa akujwayelekile futhi iyokuxoxela amagwababa echobana ngendlela abasize ngayo besaba ukuthi imali izokwebiwa.
“Namanje ngiwathulela isigqoko amaphoyisa asoLundi aholwa uSayitsheni Mbali Sibiya noSayitsheni Richard Maphumula ngesibindi nesineke sokuba bangenelele uma sikhala ukuba sithole usizo. Bathwale le mali endaweni yaseZululand eyingozi eyaziwayo ngokubanjwa kwezimoto zenkece. Kodwa bakwazile ukuthwala le mali besuka KwaNongoma baze bayofika eThekwini futhi yafika iphephile,” kusho u-Elliot.
Ukusho lokhu esho nokuthi uyafisa ukuba amaphoyisa athathe iphethini embuthweni waseZululand osasebenzela isizwe ngokukhulu ukwethembeka.
Le mali amaphoyisa ayithwala ngomhlaka 7 kuMasingana ngemuva kokuba kushe izitolo nendawo yemali.
Kwenzeka lokhu nje sekudumile ukuthi ezindaweni eziningi amaphoyisa agcina eboshwa ngoba ethinteka ezigamekweni zokwebiwa kwemali esuke isinde kubanjwa inkunzi.
OLundi ngasendaweni ebizwa ngokuthi kuse-19 sekukwamachanasa ngenxa yezigebengu ezihlale zibamba izimoto zemali.