Kubatshazwa oweFormula 1 osunabalandeli abaningi 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

I-Formula One isabhekwa njengento ehamba phambili emjahweni wezimoto kodwa isiqala ukubukeka njengomdlalo wakumabonakude ongokoqobo.

Njengoba lo mdlalo uqhubeka nokukhula uqoqa abalandeli abasha okubalwa kubo nomndeni wakwaKardashian.

Usizwa uchungechunge lwe-Netflix oluthi-Drive to Survive, lo mdlalo nabahleli bawo bathatheke kakhulu ngohlelo olungokoqobo.

Umphathi weqembu le-Red Bull uChristian Horner ubize lo mdlalo ngokuthi “i-Kardashian on wheels,” kubika i-PlanetF1.

“Ufuna nje ukuthi uGuenther Steiner ahlulwe noma mina nomngani wami uToto Wolff sibe izimbangi kancane,” encokola.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uLewis Hamilton oseke waba umpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa uphinde wakhuluma ngomndeni odumile wakwaKardashian ngesikhathi ekhuluma ngokuthi lo mdlalo ukuliphi izinga. Lokhu kwenzeke ngasekupheleni kwesizini edlule ngesikhathi i-Red Bull itholwa inecala lokwephula izindleko ngesizini yokuqala kaMax Verstappen yokuwina isicoco.

“Ngiqonde ukuthi okwenzeka lapha kuzwakala njengohlelo oluncane lakwaKardashian,” etshela i-Channel 4 ngesikhathi ehleka kancane.

“Kuyajabulisa kakhulu futhi ezinye zezinto engizizwile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule bezijabulisa kakhulu. Ngiyaqiniseka ukuthi konke okuzoba ku-Netflix – kuzoba kuhle. “

Nezinsolo zochungechunge lwangempela azibonakali zibaxaka abahleli be-Formula One. E-Miami Grand Prix lo mdlalo uzame indlela entsha yokwethula abashayeli kubalandeli ngaphambi kokuthi umjaho uqale.

Umrepha odumile uLL Cool J wethule umshayeli ngamunye kubalandeli isikhashana ngaphambi kokuthi bafake izigqoko zabo.

Abashayeli abebebonakala bengakhululekile bahambisane nalokhu kodwa kuwubufakazi bokuthi i-Formula 1 ilandela okungaphezu kwalokho okufunwa abashayeli.

Inhloso yalokhu inzuzo futhi i-Formula One idonsa kanzima ukuze lokhu kwenzeke.

Esithombeni esingenhla: UChristian Horner

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva