Kubanjwe umoya kungena uShenge esibhedlela

Celani Sikhakhane

UNdunankulu kaZulu ophinde abe ngumengameli ngokuhlonishwa we-IFP, uMangosuthu Buthelezi, uphuthunyiswe esibhedlela saseThekwini esuka kwakhe ngemuva kokuxinwa isifo sohlangothi ngoLwesibili ebusuku.

I-Scrolla.Africa sithole ngemithombo ethembekile ukuthi uMntwana wakwaPhindangene uButhelezi kudingeke ukuthi ahanjiswe ngendiza enophephela emhlane eya eThekwini esuka e-Mahlabathini o-Lundi ngoLwesibili ntambama ngoba ubesesimweni esibucayi.

“Siyamkhulekela njengoba sikhuluma,” kusho umthombo.

“Asazi ngempela ukuthi konakelephi ngoba ubebukeka ephilile. Kuze kube manje akucaci ukuthi uyiswe kusiphi isibhedlela ngoba lolu daba luyimfihlo.”

Omunye umthombo ongaphakathi emndenini uveze ukuthi uButhelezi ubengaphathekile kahle ngoMgqibelo emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana obuseNquthu ngempelasonto.

“Ngitshelwe ukuthi udokotela usamqaphile futhi kuthiwa uyalulama. Isimo sibe ngcono kusukela ngoLwesibili ebusuku njengoba bekunokutatazela,” kusho umthombo.

“Uyindoda enamandla engeke yanqotshwa kalula yinoma yikuphi ukugula.”

Ngemuva kokuthi aphuthunyiswe eThekwini, imoto kaButhelezi ibonakale ihamba ngesivinini esiphezulu ku-R66 ilibangise eThekwini.

Okhulumela umndeni uBhekuyise Buthelezi ukuqinisekisile esitatimendeni ukuthi uButhelezi ungeniswe esibhedlela ngoLwesibili kodwa wathi ulashelwa isifo somfutho wegazi ophezulu.

Emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana uButhelezi ujabule waze watshela amalungu omndeni ukuthi uzizwa engathi uyaphupha ukubona impumelelo yomcimbi waseSandlwana.

Uyanconywa uButhelezi ngeqhaza alibamba ukweseka iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini ukuthi singene esihlalweni sobukhosi bakwaZulu.

Izihloko zakamuva