Kubanjwe ugogo nowesilisa nokudla okwebiwe esikoleni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ohola impesheni nowesilisa batholwe namabhokisi anamathini nobisi okwebiwe e-Minerva High School.

Lokhu kudla okuntshontshiwe kuyingxenye yoHlelo Lukazwelonke lokudla okunempilo okuhloswe ngalo ukuphakela abafundi abalambile.

Kuboshwe abantu ababili ngokweba ukudla obekuhloselwe izingane zesikole zase-Minerva High School.

Ugogo oneminyaka engu-60 nowesilisa oneminyaka engu-36 ubudala babanjwe eduze kwesikole ngoMgqibelo namabhokisi okudla. Ukudla bekuhlanganisa amathini, ubisi nokunye.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng, uMatome Chiloane, ukuqinisekisile ukuthi ukudla okwebiwe kuvela ohlelweni lwe-National School Nutrition Programme (NSNP).

“Sikhathazekile ngalobu bugebengu obungenangqondo, buphazamisa okuhle esizama ukukuzuza ngokuphakela abafundi ezikoleni,” usho kanje.

Unxuse imiphakathi ukuthi isize ekuvikeleni ukudla kwesikole futhi ibike uma kukhona okusolisayo.

“Siyazigxeka izenzo zobugebengu ezifana nalezi futhi sinxusa abantu ukuthi bangathengi ukudla okuntshontshiwe,” kwengeza uChiloane.

I-NSNP ihlinzeka ngokudla kubafundi basezikoleni zamabanga aphansi naphakeme ukuze balwe nendlala kubafundi.

Emasontweni edlule ukubambezeleka kokulethwa kwezidingo ngaphansi kwalolu hlelo kudale ukwethuka kwezinye izikole. Okhulumela uMnyango uSteve Mabona uthe ukubambezeleka kudalwe ngabahlinzeki abasha abebesanda kuqala ngoMbasa.

“Abanye abahlinzeki babambezele ukudiliva, kodwa kuthe ngoLwesihlanu zonke izikole zakuthola ukudla,” usho kanje.

Abasolwa babekwe icala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanti kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra.

Esithombeni esingenhla: Kutholwe ukudla okuntshontshiwe kubasolwa.

Umthombo wesithombe: Umnyango Wezemfundo

Izihloko zakamuva