Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Imiphakathi yonkana eKapa ikhululekile ngokuboshwa kwezigelekeqe ezimbili okusolwa ukuthi ziqhubekile nezenzo zobugebengu zingaphakathi ejele.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uSergeant Wesley Twigg, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba, eveza imizamo eqhubekayo yokubhekana nokuqolwa kwabantu esifundazweni.
“Uphenyo luveze ukuthi abasolwa ababili babesebenza besejele, beqola abagilwa abebedingeka ukuthi bakhokhe imali yokuzivikela masonto onke. Baphinde benza i-akhawunti ye-Facebook engamanga futhi basebenzisa nomazisi ukuze badayise imikhiqizo abathengi abagcina bengayitholi,” kusho uTwigg.
Abasolwa ababili, abaneminyaka engu-23 no-25 ubudala, baboshwe ngabaseshi ababhekelela ubugebengu obuhleliwe esifundazweni bavela eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesihlanu ngomhlaka-25 kuMfumfu ka-2024. Basagqunywe esitokisini.
Usomabhizinisi wendawo, ongathandanga ukudalulwa igama, uthe bahlalele ovalweni.
“Siyizisulu zokuqolwa. Uma befika kumele sibanikeze imali ngoba sisaba ukuthi sizobulawa. Esikhundleni sokuthi sisebenze kanzima sisebenzela imindeni yethu sisebenza kanzima ukunikeza amaqola imali,” usho kanje.
Umnikazi wendawo enamafulethi ayisishiyagalombili aqashisayo, naye uthwele kanzima ngemali yokuvikela yamasonto onke.
“Inselelo ngamaqola ukuthi afana namaphela. Bakhona yonke indawo. Babulalana mihla namalanga ngenxa yale mali kodwa esikhundleni sokuthi babe mbalwa bayanda,” kusho umnikazi wendawo.
ULizo Buthani, isakhamuzi saseNyanga, ukholelwa ukuthi lolu daba ngeke luphele kuze kube yilapho sekulawulwa ukungena kwezibhamu.
“Abaphangi basebenzisa izibhamu ukubulala abagilwa. Bazitholaphi izibhamu? Kuze kube siyayixazulula indaba yezibhamu ezitholakala yonke indawo, ngeke siyinqobe impi yokulwa namaqola,” kusho uButhani.
“Lokhu kubuyela endabeni yokuthi izigebengu zinenkululeko enkulu. Kungani izigebengu zinamafoni ngaphakathi ejele? Iqiniso liwukuthi zisebenza ngaphakathi. Banikeza imiyalelo. Uhulumeni wethu kumele akulungise lokho kuqala, bese sibona ushintsho.”
I-SAPS yaseWestern Cape inxusa umphakathi ukuthi ubike amacala okuqolwa kwemali ngokusebenzisa inombolo Yokuqolwa Kwempahla yaseWestern Cape ku-0800 31 4444, ukuze amacala aphenywe ngokugcwele futhi labo abathintekayo bayaphendula ngabakwenzayo.
Esithombeni esingenhla: INkantolo yeMantshi yaseWynberg lapho abasolwa ababili abasolwa ngobuqola bevele khona ngoLwesihlanu.
Umthombo: X
