Kubanjwe isela lezintambo zagesi

Karabo Rammutla

Ubengalindele ukuthi ugesi uzobuya ukhanye.

Ngesikhathi kwethulwa ukucishwa kukagesi ngesonto eledlule abantu abaningi bangene ezinkundleni zokuxhumana beveza intukuthelo yabo ku-Eskom nakuhulumeni.

Kodwa ontshontsha amakhebuli kagesi eMalahleni e-Mpumalanga ubone ithuba.

Ubentshontsha izintambo ngaphandle kokwesaba ukushokhwa ugesi.

Kodwa akuhambanga kahle ngesikhathi esasika izintambo kwavele kwabuya ugesi washokheka.

Izakhamuzi ebezicashe ezindlini zazo ezimnyama zizwe ukuqhuma okukhulu zacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi kuqhume elinye lamabhokisi kagesi.

Kodwa owesilisa obelimele kanzima uqhamuke ngemuva kwendlu ekhala ngezinhlungu futhi enxusa izakhamuzi ukuthi zimsize abizelwe isithuthi seziguli.

Kule vidiyo umsolwa ontshontshe izintambo ubonakala esezinhlungwini izingubo zakhe nesikhumba sishile.

Isakhamuzi uMokgadi Nkosi uthe ngesikhathi ebuzwa lo mlisa uthe ubengazitsheli ukuthi angabanjwa ugesi kwazise bekungena gesi endaweni.

“Mhlawumbe ubengazi ukuthi sikusiphi isigaba sokucishwa kukagesi. Uvele wanethezeka waba nomhobholo elokhu esika amakhebuli ethu njengoba bekungekho noyedwa obonayo ngoba bekumnyama,” kusho uNkosi. 

Uthe noma ezinye izakhamuzi bezingafuni ukuthi abizelwe isithuthi seziguli kodwa abanye bathe asibizwe.

“Ngiyethemba ukuthi angeke ashone ukuze ezoba isibonelo nakwabanye ukuthi ugesi uyingozi kakhulu,” kusho uNkosi.

UKeith Mpshe ubhale ku-Facebook wathi “Ngihlala kule ndawo siphila kabuhlungu ngenxa yalaba abantshontsha amakhebuli. 

Nangaphambi kokucishwa kukagesi bebelokhu bebona kunqamuka ugesi ngenxa yokuntshontshwa kwamakhebuli.”

Uthe izakhamuzi bekumele zizwise leli sela ubuhlungu obukhulu.

“Umngani wami ubephethe i-internet café elokishini kwadingeka ukuthi athuthe ngenxa yokuntshontshwa kwamakhebuli,” kusho uKeith.

Okhulumela amaphoyisa ase-Mpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe umsolwa uphuthunyiswe esibhedlela usesimeni esibucayi.

“Ubhekene necala lokuhlukumeza ingqalasizinda ebalulekile,” kusho uMohlale.

Izihloko zakamuva