Dylan Bettencourt
UMnyango wezaseKhaya eNingizimu Afrika unikeze i-Rimbi Travel and Tours Bus Service yase-Zimbabwe inhlawulo ka-R420,000.
Ibhasi litholakale emngceleni ohlukanisa iNingizimu Afrika ne-Zimbabwe lithwele abagibeli abangenazo izincwadi ezibagunyaza ukuthi bangene kwelinye izwe.
Lesi sikhungo samabhasi sinikezwe usuku lwangoLwesibili ukuze sikhokhe inhlawulo kungenjalo uMnyango uzoyifuna ngendlela esemthethweni. Kuze kube manje, asikabi khona isiqinisekiso sokuthi inhlawulo isikhokhiwe.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya uSiya Qoza uthe ibhasi lase-Zimbabwe lifike emngceleni waseNingizimu Afrika linabagibeli abangu-28 abakade bengenazo izincwadi ezibagunyaza ukungena kulelizwe.
UQoza uthe umshayeli webhasi udlulisele icala lenhlawulo ngaphansi kwemithetho yabantu abaqhamuka emazweni angaphandle kodwa isicelo sabo sachithwa ngokushesha.
Uthe izinkampani zokuthutha ezinabagibeli abangenazo izincwadi zokuhamba ezidingekayo ziyahlawuliswa, zinqatshelwe ukungena futhi ziyalelwe ukuthi zibuyisele abagibeli ezweni labo. Lokhu umthetho we-Immigration Act.
Esitatimendeni uQoza uthe:
“UNgqongqoshe Wezasekhaya wanquma kwigazethi kaHulumeni mhla zintathu kuNhlangulana ngonyaka ka-2014 ukuthi noma iliphi ibhizinisi lezokuthutha eliphambene nezimiso zoMthetho lizohlawuliswa u-R15 000 umuntu ngamunye ofike endaweni yokungena ngaphandle kwezincwadi ezigunyaza ukuhamba nokungena kwelinye izwe.”
UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi uthe noma ngubani ophambana nemithetho ebekelwe abantu abaqhamuka emazweni angaphandle eNingizimu Afrika uzojeziswa.
“Imithetho yabantu abaqhamuka emazweni angaphandle isebenza kuwo wonke umuntu ngokulinganayo. Ikakhulukazi, ukuhanjiswa kwabantu abashushumbiswayo bewela imingcele yezwe labo ngokungemthetho bazozithola sebebhekana nengalo yomthetho,” kusho uMotsoaledi.
Umthombo wesithombe: @AfricanInsider