Kubanjwe amasela emfuyo

Elmon Tshikhudo

Sekuphele iminyaka umphakathi wase-Vuwani ngaphandle kwase-Makhado e-Limpopo usola ukuthi ophethe ibhusha uyabandakanyeka ekuntshontshweni kwemfuyo endaweni.

Izinkomo ezibulewe ngokuvamile bekutholakala amathumbu kanye namakhanda azo kulahlwe ehlathini ngemuva kokuba amasela esehambe nenyama.

Kodwa amaphoyisa abengakwazi ukwenza okuningi njengoba bekungekho ubufakazi obubhekene nomnikazi webhusha.

Umnikazi webhusha nabanye abehamba nabo abane babanjwe oqotsheni ngamalungu omphakathi athe abafice behlaba umhlambi wezinkomo ezingu-11 e-Mdavula ngaphandle kwase-Malamulele.

Abasolwa abathathu bakwazile ukubaleka, kodwa umnikazi webhusha nomunye umsolwa abakwazanga ukubaleka.

Babanjwe nezinkomo ezebiwe bashaywa umphakathi ophoqe usomabhizinisi ukuthi ashise imoto yakhe. 

Abalimi abafuyayo kule indawo kade bekhala ngokuntshontshwa kwemfuyo yabo, kodwa izikhalo zabo beziwela phansi.

Umndeni wakwa-Davhana ulahlekelwe izinkomo ezingu-13 ngesikhathi esisodwa kwathi ugogo obethembele kuzona wasala engenandlela yokuzondla yena nomndeni wakhe.

Kusolwa ukuthi zingamakhulu izinkomo esezintshontshiwe kule ndawo eminyakeni edlule.

Yize bekugxekile ukuhlaselwa kwabasolwa, kodwa lesi sigameko sibe indaba ezimnandi kulabo abafuyile. 

“UNkulunkulu uyizwile imithandazo yethu. Kade sizama ukulwa le mpi ngokwethu, kodwa bekungalungi. Sihlale siphapheme sigada amahlathi ukuze sibambe amasela,” kusho uHulisani Sithagu, umholi wabalimi bendawo.

“Ubathola ngakusasa emigwaqeni baqhubeke nomsebenzi wabo ongcolile, lokhu kuzobafundisa isifundo.”

Umlimi wakule ndawo uFrank Mabasa uthe izinkomo zintshontshwe esigodini sase-Manavhela zahlatshwa esigodini sakwa-Mdabula.

“Lezi izindaba ezimnandi kithina, sesihlukumezeke kwanele njengoba amanye amalungu ethu elahlekelwe umhlambi wonke. Lokhu kuzothumela isexwayiso esiqinile kumasela.”

Izihloko zakamuva