Nyambeni Mandiwana
I-South African National Defence Force (SANDF) yenze impumelelo enkulu ngesikhathi ishaqa izimpahla ezingekho emthethweni ezibiza imali engaphezu kuka-R4 million ebezishushumbiselwa kuleli noma ohlangothini lwase-Zimbabwe.
Lezi zimpahla ezebiwe kubalwa kuzo ugwayi ongekho emthethweni, utshwala, izimoto, imfuy neziqhumane.
UKaputeni Moses Semono we-SANDF uthe amasosha abone isikebhe siwela umfula i-Limpopo sisuka e-Zimbabwe singena kuleli ngoMgqibelo ngesikhathi benza umsebenzi wabo ojwayelekile wokuhlola umngcele eduze kwesiqiwu i-Mapungubwe.
Ngesikhathi ebona ukuthi ujahwa ngamasosha akuleli, ukaputeni wesikebhe ugxumele emfuleni onezingwenya i-Limpopo wabhukuda wabuyela e-Zimbabwe.
“Sithathe isikebhe sathola izimvu eziyisishiyagalolunye nezimbuzi ezingu-57 ezibiza imali engaphezulu kuka-R75 000,” kusho uSemono.
Abakwa-SANDF baphinde babopha omunye umsolwa obethutha ugologo obiza imali engaphezu kuka-R20 000 kanye neziqhumane ezingu-90 ezibiza u-R150,000 e-Beitbridge.
Ngemuva kokuboshwa umsolwa uthe lezi ziqhumane ngezabashayeli ababili bamaloli abebepake eduze.
“Njengoba siqhubeka nokuqinisa ezokuphepha emngceleni, sithole imoto yohlobo lwe-Toyota Hilux Legend 50 ebiza u-R750 000 kanye ne-Ford Ranger empunga ebiza u-R770 000 eshiywe izigebengu ezeqela e-Zimbabwe ngesikhathi zibona amasosha,” kusho uSemono.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uJenene Thembi Hadebe usezwakalise ukukhathazeka ngokwanda kokushushumbiswa kwezimoto nogwayi ongekho emthethweni kuleli noma e-Zimbabwe.
“Izimoto zebiwa eKapa, eGoli kanye naKwaZulu-Natal bese zeweliswa emfuleni i-Limpopo zingeniswe e-Zimbabwe,” esho.
“Izimakethe ezihlonziwe i-Zambia, i-Malawi kanye ne-Zimbabwe kanti ulwazi lwezobuNhloli lukhomba ukuthi izimoto eziwela umfula i-Limpopo ziphakathi kwezintathu kuya kweziyisithupha ngosuku.
“Iziqhumane zezentengiselwano ezisetshenziswa embonini yezimayini ezingasebenzi e-Zimbabwe zithola indlela yokungena kuleli kanti zivame ukusetshenziswa ebugebengwini obunodlame obufana nokuntshontsha imali, ukubamba inkunzi kanye nokuqhunyiswa kwama-ATM.”
Okhulumela amaphoyisa ase-Zimbabwe, i-Assistant Commissioner Paul Nyathi, uthe abezokuphepha nabo baphume ngobuningi babo emngceleni futhi babhekene ngqo nalabo abephula umthetho.