Buziwe Nocuze
Amalungu omphakathi ase-Lower Crossroads eKapa abambe inkunzi abashayeli bendiza ababili ngemuva kokuthi indiza encane ivelelwe inkinga kwaphoqeleka ukuthi yehlele endaweni evulekile e-Luzuko.
Abashayeli bendiza ababili bakwazile ukubaleka benemihuzukwana, kodwa abakwazanga ukuvikela izinto zabo ngesikhathi amalungu omphakathi ebaphuca yonke into ebingaphakathi kwendiza.
Oyilungu lezokuphepha nokuvikeleka edolobheni e-Mayco uJP Smith uthe isixuku sisheshe sahlangana ngemuva kokuba indiza yehlele phansi. Lokhu kusheshe kwalandelwa umbiko ovela kwi-pilot radio aircraft control abaxhumana ngayo becela usizo oluphuthumayo njengoba bebebanjwa inkunzi.
USmith uthe indiza eyeskole yesikhumulo sezindiza kanti bebeziqeqesha ngesikhathi injini yendiza iba nenkinga. Bakwazile ukuyihlalisa kahle indiza baphuma kuyo ngaphandle kokulimala. Bobabili abashayeli bendiza baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bayohlolwa.
Isakhamuzi sase-Lower Crossroads sithe okwenziwa ngamanye amalungu kubi futhi akukhombisi ubuntu. Uthe idlanzana ebelisiza laba bobabili belithukwa futhi lisolwa ngokucabanga ukuthi lingcono kunabanye abantu.
“Okwenzeke namuhla kukhombisa indlela esinonya ngayo. Laba bobabili vele bese behlukumezekile mayelana nendiza yabo ebe nenkinga basinda ekufeni besingekho isidingo sokuthi umphakathi ubahlukumeze.”
“Egameni lalo mphakathi ngithanda ukuxolisa ngokuziphatha okubi.”
Ucele ukuthi umphakathi wenze kangcono ngokuzayo futhi ube izakhamuzi ezingcono.