Karabo Rammutla
Kuboshwe abaphuma emazweni angaphandle abayisishagalombili e-OR Tambo ngesikhathi besebenzisa izivalo zokucisha umlilo ezindongeni ngenhloso okungamele zisetshenziselwe yona.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umsebenzi wasesikhumulweni sezindiza ebone into efana nekhanda ngemuva kodonga wabe esebikela amaphoyisa. Kusabalale ividiyo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu ebonisa abantu bephuma ngomnyango ongenela odongeni osetshenziselwa ukungena emshinini wokucisha umlilo.
Ngesikhathi amaphoyisa ephenya, athole abantu abaphuma emazweni angaphandle abayisishiyagalombili abasuka e-Bangladesh nase-Pakistan becashe phakathi kule ndawo.
Ukutholakala kwalokhu kugqamise inkinga yabaphuma emazweni angaphandle kuleli ngenxa yokuthi elakuleli alisawakhiphi ama-visa okuthutha abantu.
“Lokhu kwenza kube lula ukuthi abaphuma emazweni angaphandle bangene kuleli ngokungemthetho,” kusho uNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi ngesikhathi evakashele esikhumulweni sezindiza esimatasa. Ubehamba noNgqongqoshe wezokuThutha uMnu Fikile Mbalula.
UMotsoaledi uthe la bantu abayisishiyagalombili bafike e-OR Tambo kanti bekumele baphume ngendiza baye e-Swatini. Kodwa esikhundleni sokuya endaweni yokuphumula ukuze balinde indiza eya e-Swatini, bathathe indlela ayichaze njengephambukile.
UMbalula uthe laba abaphuma emazweni angaphandle bafike ngendiza ye-Qatar Airways besuka e-Doha.
Uthe isikhumulo sezindiza siwumnotho wakuleli futhi siyingxenye yemigudu emikhulu yezomnotho exhumanisa izwe nomhlaba wonke.
“Siyindawo ebalulekile kuzwelonke ngokoMthetho weziNdawo ezibalulekile Kuzwelonke. Kungenxa yalezi zizathu ukuthi elakuleli linomlando omuhle hambisana ne-ICAO Standards and Recommended Practices,” esho, ekhuluma nenhlangano ye-UN yezokundiza. .
“Leli irekhodi esihlose ukulivikela ngakho konke futhi yingakho singeke sibekezelele noma yiziphi izenzo eziphambene nomthetho endaweni yethu yendiza.”