Everson Luhanga
Kube khona ukuqhuma kwesibhamu ngesikhathi iqulu elikhulu ebelizama ukuwela umngcele lisuka e-Lesotho lingena eNingizimu Afrika libanjwa amasosha namaphoyisa ezintatha zangoMsombuluko.
Umuntu oyedwa obehamba neqembu labantu abangu-158 ulimale ngesikhathi kudutshulwana. Amalungu amaningi aleli qembu abehlome ngezikhali okubalwa izibhamu, imimese nama-screwdriver.
Esitatimendeni esikhishwe ngamaphoyisa esifundazwe sase-Free State uBrigadier Motantsi Makhele uthe ngezithuba zabo-00:45 ekuseni ngoMsombuluko uhide lwezimoto ezingu-13 lufike lapho bekuvimbe khona iziphathimandla.
IItekisi lihlulekile ukuma ngesikhathi limiswa amaphoyisa kwase kulandela ukudubulana.
“Kuqhume isibhamu kwi-Quantum amaphoyisa nawo adubula ephindelela. Owesilisa oyedwa ulimale kancane ngesikhathi kudutshulwana waphuthunyiswa esibhedlela e-Bloemfontein,” kusho uBrigadier uMakhele.
Uthe kugcine kumiswe zonke izimoto ezingu-13 zaseshwa abagibeli batholakala bengenazo izincwadi ezibavumela ukuthi babe eNingizimu Afrika.
Kutholakale izibhamu ezimbili ebezilayishiwe kanye nezinhlamvu kwenye yezimoto i-BMW Sedan. Abesilisa abahlanu abebegibele imoto baboshelwe ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
“Izinombolo zemoto i-BMW ne-licence disc nazo bezingahambisani. Bonke abagibeli abangu-158 baboshwe njengabantu abaqhamuka kwamanye amazwe ngokungemthetho.”
Abasolwa abahlanu ababoshelwe ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, kanye nokutholakala nempahla okungenzeka ukuthi intshontshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Wepener ngoLwesibili mhla ziyisikhombisa kuNhlangulana.
“Sincoma imizamo ehlangene ye-SAPS ne-SANDF ekwenzeni isiqiniseko sokuthi bayakunqanda lokhu kuphulwa komthetho obekuzokwenzeka,” kusho uKhomishana wesifundazwe uLieutenant General Baile Motswenyane.
“Njengezikhungo zomthetho asisoze sasivumela isimo lapho abantu befuna ukwenza ngokuthanda kwabo futhi bangayilaleli imithetho yethu.