Everson Luhanga
Amaphoyisa asethole abasolwa abahlanu abadubule abantu abaningi endaweni yokucima ukoma iMdlalose e-Soweto e-Orlando West ngoMgqibelo ebusuku.
UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGoli uFaith Mazibuko utshele abezindaba ngoLwesibili ukuthi amaphoyisa anevidiyo yokuhlasela ebaholele kubasolwa.
UMazibuko uthe abasolwa abahlanu badabuka KwaNongoma KwaZulu-Natal.
Ukhulume nabezindaba ngemuva kokuhambela umhlangano womkhuleko nabaholi bezenkolo kanye nemindeni yezisulu ehholo lomphakathi lendawo eSikoleni Sezithombe.
“Akubona bonke abantu abalala ebusuku. Uma wenza izinto zakho ebusuku, kuhlezi kukhona elinye iso elibuka izenzo zakho,” usho kanje.
UMazibuko uphinde wamemezela ukuthi isibalo sabashonile esigamekweni sokudubula sesinyuke safinyelela ku-16, njengoba omunye wabadutshuliwe eshonele esibhedlela. Ezinye izisulu eziyisishiyagalombili zisasesibhedlela.
Uthe oyedwa kuphela kwabashonile uzongcwatshwelwa eGoli kanti abanye bazongcwatshwelwa KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape.
“Ziyisishiyagalombili ezinye izisulu ezisesibhedlela. Sithandazela ukuthi baphile,” kuphetha uNgqongqoshe.
NgoMsombuluko, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele, wethule uphiko lwamaphoyisa i-Tactical Response Team (TRT), oludume ngokuthi Amabarete ukuze luqinise umthetho.
Isikhulu esiphezulu kuMasipala waseGoli uMpho Phalatse uthe kuyakhathaza ukuthi ilokishi linenani eliphezulu lamathaveni kunezindawo zokungcebeleka.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli, uColonel Dimakatso Sello, akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi abasolwa bahlonziwe kodwa uthe abaseshi baphansi phezulu baphenya icala.
“Asiyithathi kalula imininingwane kanye nolwazi esilutholayo. Sisebenza nganoma yiluphi ulwazi esiluthola kunoma ngubani,” kusho uColonel Sello.
UKhomishana wamaphoyisa eGoli uLieutenant-General Elias Mawela uthe imbangela yokudubula ibingakaziwa.
Amaphoyisa anxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngesigameko sokudubula ukuthi athinte amaphoyisa aseduze naye.
Unxusa abantu abanolwazi ukuthi bashayele i-Crime Stop Line ku-08600 10111.