Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Umndeni wakwaHlalele ulahlekelwe amalungu awo amane.
Lezi zingane beziphakathi kwabagilwa abangu-12 abashone engozini enyantisayo yokushayisana kwezimoto eyenzeke e-Merafong, e-Gauteng, ngoLwesithathu ekuseni.
Izingane zishone kanye nomshayeli wetekisi abebehamba ngayo ngesikhathi iveni yohlobo lwe-Ford Ranger ibashayisa ngemuva. Ikhumbi ishe yangqongqa ezinye zezingane zasha zaze zangabonakala.
Kumanje kutholakale ukuthi abane kwabashonile bebephuma emndenini owodwa.
Okhulumela abakwaHlalele, u-Aviva Manqa, utshele abezindaba ngoLwesine ukuthi umndeni uthole induduzo ngokwesekwa nguHulumeni.
“Okokuqala sibonga kakhulu ngokuthola ukwesekwa okuvela koNgqongqoshe ababili ngoba uma kwenzeka izinto ezimbi kanje umuntu yilapho ebheka khona ukuthi abasiphethe bathini ngalelo shwa.
“Ngesikhathi sibona oNgqongqoshe bezokuThutha nowezeMfundo bengena, besazi ukuthi okungenani bayaseseka. Sithole imiyalezo yokweseka umndeni evela ehhovisi likaNdunankulu, bethi nabo balimele njengathi.”
UManqa uthe umndeni ufuna izikhulu ukuthi zithole imbangela yengozi eyethuse izwe lonke.
“Okusikhathaza kakhulu ukuthi asazi ukuthi kwenzekeni.
“Ugogo wezingane utshele uNgqongqoshe ngesimo setekisi izingane ebezihamba ngayo. Itekisi ibihambisa izingane kodwa ibingenazo izihlalo ezifanele. Izingane bezisebenzisa amabhakede ukuhlala phansi.
“Sifuna ukwazi ukuthi kwenzekeni,” kusho uManqa.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uthe sebayaphothula ngolibofuzo njengengxenye yophenyo lwabo.
Khonamanjalo, uMengameli Cyril Ramaphosa uthumele amazwi enduduzo emindenini yezingane ezingu-12.
Esitatimendeni uMengameli udlulise amazwi enduduzo emindenini, abangani, kubafundi kanye nothisha bezingane ezishonile.
“UMengameli uphinde wafisela ukululama okusheshayo kubafundi abayisikhombisa abalimale kulesi sigameko.
“Ukulahleka kwezimpilo zabantu abasha kangaka ekuqaleni kwethemu entsha yokuvulwa kwezikole kusithinta sonke njengesizwe.
“Sifisela imindeni ethintekile kanye nemiphakathi yezikole okuhle kodwa njengoba izilela ukudlula kwezingane eziphucwe ukufeza ikhono lazo kanye nokuchitha izimpilo zazo nemindeni nabangani,” kufundeka isitatimende.
USihlalo we-South African National Taxi Council (Santaco) uMidday Mali uthe bakhathazekile ngodaba oluqhubekayo lokulayishwa ngokweqile kwezimoto ezithutha abafundi, nokubeka engcupheni impilo yezingane.
“Sinxusa abomthetho ukuthi baqinise imizamo yabo ekuqiniseni imithetho yezokuphepha emgwaqeni, ikakhulukazi ezindaweni okuseshwa kuzo izimoto ezithutha abafundi,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: Izingane ezine zomndeni wakwaHlalele ezishone engozini enyantisayo yangoLwesithathu.
Umthombo: Uthunyelwe