Kusolwa umkhonyovu kwabaphakela amanzi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umasipala wase-Tshwane uphenya izinsolo zokuthi abanikazi bamaloli amanzi abazimele aphakela amanzi e-Hammanskraal ehlaselwe isifo sohudo, bayizigebengu.

IMeya ephethe yase-Tshwane uCilliers Brink uthe abanikazi abazimele bamaloli amanzi basizakala ngokwehluleka kukahulumeni ukunakekela ingqalasizinda yamanzi nokwenza kube kubi kakhulu ngokucekela phansi ukuhlinzekwa kwamanzi kukamasipala ngamabomu ukuze kuthuthukiswe amabhizinisi abo.

Kuthiwa laba banikazi abazimele bamaloli amanzi ababizwa nge-mafia bakhokhelwa phakathi kuka-R339.45 no-R433.55 ngehora ukuletha amanzi okufanele alandwe emithonjeni eyahlukene.

Amanzi ajwayele ukulandwa e-Rand Water, e-Magalies Water fire hydrants kanye nasemapitsini e-Stinkwater.

Khonamanjalo ngoLwesithathu, i-Limpopo iqophe isifo sayo sokuqala sesifo sohudo.

Isiguli (26) esidabuka e-Zimbabwe singene esibhedlela sase-Musina ngoLwesihlanu olwedlule sinezimpawu ezinzima ezihlanganisa ukuhlanza nokuphelelwa ngamanzi emzimbeni ngokusho koMnyango wezeMpilo esifundazweni.

Lesi sifo esiqale eGoli sesisabalele e-Free State nase-North West.

USihlalo wenhlangano yabahlengikazi esifundazweni i-Democratic Nursing Organisation of South Africa, uMnu Lesiba Monyaki uthe izakhamizi kuMasipala wase-Thulamela zikhala ngokushoda kwamanzi kule ndawo futhi zifuna ukufakelwa amanzi ezindlini zazo hhayi ngamathangi amanzi njengoba sekuyinto evamile.

Ukugqamisa umbono wabo kuthiwa ababhikishi bavale ukuhlinzekwa kwamanzi aphuma edamini lendawo i-Nandoni e-Phiphidi nokuyinto emise ukuphakelwa kwamanzi kwezinye izindawo okubalwa e-Thilidzini, e-Donald Fraser, e-Louis Trichardt, e-Elim kanye nesezibhedlela zase-Malamulele.

“Njengoba isifundazwe sesiqophe isifo sohudo okokuqala ngqa ukushoda kwamanzi kungase kudale inhlekelele futhi kungabulala izakhamizi eziningi uma zitheleleka ngalesi sifo,” kusho uMonyaki.

Esifundazweni saseGoli:

Ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu, uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla uthe i-Tshwane iyona engumbhedukazwe wokubheduka kwesifo sohudo. Owokuqala otheleleke ngalesi sifo ngowesilisa (56) odabuka e-Giyani e-Limpopo ohlala e-Musina. Isiguli siyiphoyisa futhi belifundisa izifundo zobuphoyisa amasonto amathathu eKolishi lakwa-SAPS e-Hammanskraal.

NgeSonto ngomhlaka-15 kuNhlaba abantu abangu-229 bese behloliwe batholakala benezimpawu zesifo sohudo.

Isifundazwe sase-Free State:

Abokuqala abatheleleke ngalesi sifo esifundazweni sase-Free State baqhamuka esifundeni saseFezile Dabi kuMasipala wendawo wase-Ngwathe emadolobheni ase-Vredefort nase-Parys.

UPhaahla uthe zingu-174 iziguli eziphethwe isifo sohudo ezinakekelwa emitholampilo nasezibhedlela ezahlukene ikakhulukazi ezibhedlela zesifunda i-Parys ne-Boitumelo.

“Kuzwelonke ezinsukwini eziyisikhombisa kusukela ngomhlaka-17 kuya kumhlaka-23 kuNhlaba iziguli ezingu-163 ezethulwe e-Jubili eziphethwe isifo sohudo zinikeza isilinganiso seziguli ezingu-23 ngosuku,” esho.

Izihloko zakamuva