Konke kuqhubeka njenge njwayelo ezindaweni eziningi eGoli 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Inxanxathela yezitolo i-Pan Africa Mall e-Alexandra ibivaliwe kusukela ngoMsombuluko ekuseni.

Ababhikishi abebehlele ukuya e-JSE e-Sandton bavinjwe abomthetho.

Kubonakale inqwaba yamaphoyisa akwa-SAPS nawakamasipala emigwaqeni. Kukhona nezinkampani zonogada ezizimele ezahlukene kanye namalungu omphakathi ajoyine amaphoyisa.

Ababhikishi bebehamba besuka emgwaqeni othile beya komunye elokishini. Abantu abaningi elokishini abazange bawujoyine umbhikisho. Kunalokho abantu bebebonakala bethamele isigcaki.

Umholi wePhalamende lase-Alexandra uVincent Ndima utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ilokishi lithule futhi konke kwenzeka ngendlela ejwayelekile,  wengeza ngokuthi izakhamizi eziningi azizange ziwujoyine  umbhikisho futhi konke kwenzeka njengenjwayelo.

“Izakhamizi sezibonile ukuthi akuwona umbhikisho ozoxazulula izinkinga ezibhekene naleli lizwe,” kusho uNdima.

“Izindaba zokuntuleka kwemisebenzi, ukucishwa kukagesi nezinye izinto ngeke zixazululwe ngokungena emigwaqeni. Ipolitiki lena, futhi ngeke siyijoyine ukusiza abaholi bezepolitiki ukuthi bathole amaphuzu epolitiki.”

UNdima uphinde wathi amalungu omphakathi ajoyine izinhlaka zomthetho ekuvikeleni nasekugadeni ingqalasizinda uma kwenzeka ababhikishi bevukela umbuso.

“Izakhamizi zahlupheka kakhulu ngemuva kokucekelwa phansi kwezitolo ezaphangwa ngoNtulikazi ngo-2021. Izakhamizi ngeke zivume ukuthi lokhu kuphinde kwenzeke,” esho.

U-Adolf Marema uthe abantu bengabhikisha inqobo nje uma bengaphangi.

Amaphoyisa abophe abantu abangu-87 ezweni lonke ngezenzo zodlame emphakathini kanye nokusabisa kanti alinganiselwa ku-24,300 amathayi ashaqiwe.

Khonamanjalo kulindeleke ukuthi abaphathi bamaphoyisa bavakashele emzini kaNhlanhla Lux e-Pimville, e-Soweto.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-EFF ehlangene ecula futhi edansa enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa e-Alexandra

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva