Ibhalwe nguZukile Majova
Konke sekulele kuNkk Helen Zille onguSihlalo we-DA Federal Council ukuthi athathe isinqumo sokuthi uDkt Mpho Phalatse kufanele ahambe ibanga elingakanani empini yokulawula idolobha laseGoli.
UPhalatse uphumelele ukulwela isikhundla sakhe ngoLwesibili ngesikhathi iNkantolo eNkulu yase-North Gauteng ithola ukuthi umhlangano womkhandlu owamkhipha esikhundleni ngomhlaka-29 ngoMandulo wawungekho emthethweni.
IJaji uKeightley linqume ukuthi umhlangano owamkhipha ngevoti lokungamethembi wawungekho emthethweni futhi wawuphambene nomthethosisekelo.
“Ofake isicelo sokuqala umenyezelwe njengeMeya ephethe idolobha laseGoli.”
Okulandelayo udinga ukuthi aphinde ahlangane namaqembu aphikisayo amsize ukuba athathe uMasipala ka-R77 billion awususe kwi-ANC ngemuva kokhetho loMasipala lwangoLwezi nyakenye.
Kodwa ngaphandle kokuthola igunya elanele kubaphathi bakhe bezepolitiki, uPhalatse ujabulele ukunqoba okumangalisayo njengoba izindleko zokuwina zidlula lokhu okumlahlekele.
Njengamanje uDada Morero ongenele i-ANC esikhundleni sobuMeya osekuphele isikhathi esingaphansi kwenyanga ephethe usahola umbimbi oluqinile.
Okokuqala uPhalatse kumele acele uZille amvumele ukuthi alwele isikhundla sikaSomlomo womkhandlu bese esinika iKhansela le-IFP.
Kube ukunqaba kwe-DA ukwabelana ngezikhundla ezibalulekile emkhandlwini okudale imifantu kwacishe kwabhidlika umfelandawonye ewuholayo.
Ukuze alawule ipolitiki ngendlela yakhe, uPhalatse udinga ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana ne-EFF.
UZille uthi yilapho edweba khona ulayini wakhe.
“Ngeke sikwazi ukubusa neqembu elishayela ihlombe uma umholi walo ebiza abalandeli bakhe ukuthi babulale abantu ngenxa yobuhlanga babo,” etshela i-Sunday Times.
Kodwa i-DA isivele isebenza ne-EFF e-Ekurhuleni, e-Mogale City nase-Tshwane.
UPhalatse ukhulume ne-Talk Radio 702 wathi: “Ilokho ngempela engikufisayo futhi esingasebenzela phezu kwakho futhi angiceli into entsha,” kusho uPhalatse.
Kule mikhandlu i-EFF ayivoti ne-ANC, kodwa lolu uhlelo olungase lushintshe okuzoholela ekutheni i-DA ilahlekelwe yibo bonke labo Masipala ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.
Imizamo kaPhalatse yokuxoxisana ne-EFF ingase ihlenge imifelandawonye ye-DA kuyo yonke imikhandlu yase-Gauteng.
Uma engawunqobi umkhandlu kazwelonke, umfelandawonye we-ANC/EFF eGoli uzomane ubize umhlangano womkhandlu bese uyamketula futhi.
Osesithombeni esingenhla nguHelen Zille
Umthombo: @helenzille