KHETHA IMIDLALO: Yimpi yomphetha abakhulu njengoba ama-Lion eqala uhambo lwawo lwaseNingizimu Afrika

Dylan Bettencourt

Akudingeki ukuthi ube ngumlandeli webhola lombhoxo ukuze uzwe ukukhuphuka kwesasasa ekulindeni kwe-British & Irish Lions uma beqala uhambo lwabo lomlando emdlalweni wabo ne-Gauteng Lions ngoMgqibelo.

Uhambo olwenzeka njalo eminyakeni eyishumi nambili kulindeleke ukuthi lilethe iziqhumane ezinkundleni zebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika, njengoba i-B & I Lions edumile ezobhekana ngqo namaqembu ebhola lombhoxo aseNingizimu Afrika.

Badlala nompetha beNdebe Yomhlaba amaBhokobhoko ochungechungeni lwama-test amathathu.

Umdlalo abazowudlala nama-Lion e-Emirates Airline Park kulindeleke ukuthi uqale ngawo uMgqibelo ngo-6 ntambama.

Uhlangothi oluvakashile lufike eNingizimu Afrika ngoMsombuluko ekuseni njengoba i-Gauteng ibhekene nesilonda esibi kunazo zonke esifundazweni esake saba khona. Imibiko iphakamise ukuthi le midlalo ingahle ithuthelwe ezindaweni ezisogwini kodwa kubukeka sengathi lezo zinhlelo zimisiwe.

Abalandeli bombhoxo basalinde enye injabulo njengoba amaBhokobhoko ezobhekana ne-Georgia e-Loftus Versfeld ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku. Lona ngumdlalo wabo wokuqala selokhu banqoba iNdebe Yomhlaba Yombhoxo bedlala neNgilandi ngowezi-2019 futhi lokhu kuyisivivinyo impela esikwatini nakubaphathi. AmaBhokobhoko azobe ematasa impela ngenyanga kuNtulikazi okuyiyona okuzoba yinyanga ethokozisayo kubathandi bombhoxo.

Amehlo wonke aphendukela ku-Euro 2020 njengoba kuzoqala isigaba se-quater-final futhi uma wonke umqhudelwano kuyinto ezodlula, nakanjani kuzoba yinto emangazayo. Ukukhethwa kwemidlalo i-Belgium izodlala ne-Italy, ukuhlangana phakathi kwamaqembu amabili athandelwe ukuhamba ibanga elide.

I-Italy izozizwa inethemba lokuthi isangenelwe yigoli elilodwa kuphela kulo mqhudelwano, futhi abakaze bakuzwe ukunqotshwa kusukela ngowezi-2018. Ngakolunye uhlangothi i-Belgium, ebekwe endaweni yokuqala emhlabeni, iqala njalo njengezintandokazi. Kodwa-ke, ukunqoba okungaphansi kokuhlaba umxhwele kwe-Portugal emzuliswaneni we-round 16 kuzoshiya abalandeli babo benokukhathazeka okuthile.

Kweminye imidlalo, i-Switzerland izobhekana ne-Spain, i-Czech Republic idlale ne-Denmark kanti i-Ukraine izobhekena ne-England.

Njengoba sebenqobe iJalimane, iNgilandi igcwele amathemba amakhulu okuthi ingahamba ibanga elide ifune izindondo eziphezulu kwi-Euro 2020, okuzoba yisicoco sayo sokuqala somhlaba wonke selokhu banqoba iNdebe yoMhlaba ngowe-1966.

➤ Ama-Protea azophothula i-T20 series yabo yemidlalo emihlanu bedlala ne-West Indies ngoMgqibelo. Iqembu lekhilikithi laseNingizimu Afrika njengamanje lihola i-series ngo-2-1 ngemuva kokunqoba i-West Indies nge-run eyodwa ngoLwesibili.

➤ I-Austrian Grand Prix yesibili elandelanayo yenzeka eringini le-Red Bull kule mpelasonto. Ngabe iqembu le-Mercedes-Benz lingaphendula ekubuseni kwamanje kwe-Red Bull? Sizothola ngo-3 ntambama ngeSonto.

Umthombo wesithombe: @LionsOfficial

Izihloko zakamuva