Kazi iyozala nkomoni njengoba i-Mamelodi Sundowns isibheke ngabomvu isicoco se-DStv Premiership

Menzi Magubane

I-Mamelodi Sundowns ibheke ukugcina isicoco sayo se-DStv Premiership ngendlela eseqopheleni eliphezulu.

Kule sizini i-Sundowns iqale kahle kakhulu njengoba ingakaze ihlulwe emidlalweni engu-16 yeligi kuze kube imanje.

Ukuwina kwabo ngamagoli amabili kwelilodwa beshaya i-Baroka esemsileni ngoLwesibili kubenze bafinyelela kumaphuzu angu-40 kanti bahamba phambili ngamaphuzu angu-15. Uma beqhubeka kanje, maningi amathuba okuthi baphule irekhodi labo.

NgoLwesihlanu i-Yellow Nation, okuyigama abadume ngalo, izobhekana ne-Orlando Pirates ephume isithathu. Umdlalo uzoba senkundleni i-Loftus e-Tshwane ngo-7.30 ebusuku.

Ngonyaka ka-2016, ezandleni zomqeqeshi uPitso Mosimane, i-Sundowns ibe iqembu lokuqala ukuqoqa amaphuzu angu-71 ngemuva kokuthi iligi yehlise isibalo samaqembu sisuka ku-18 saya ku-16 ngonyaka ka-2002. Ngesizini edlule  bashodelwa amaphuzu amahlanu ukuze baphule leli rekhodi

Umdlalo abahlulwe kuwona ngesizini edlule ingenkathi bebhekene ne-Kaizer Chiefs, eyagcine inamaphuzu angu-67, yanqoba iligi okwesine kulandelana.

Khonamanjalo, iphini lomqeqeshi we-Chiefs, u-Arthur Zwane, ukuqinisekisile ukuthi uzohamba neqembu lakhe lingekho esimeni esihle belibangise eThekwini lapho lizobhekana khona ne-Royal AM ngeSonto.

Abalandeli be-Chiefs bayikhumbula kahle i-Royal AM njengoba kuyilona kuphela iqembu eselishaye amagoli amane libhekene neqembu labo kule sizini.

I-Royal AM ishaye i-Chiefs ngamagoli amane kwelilodwa emzuliswaneni wokuqala we-Premiership kanti abalandeli baMakhosi bangathanda ukubona iqembu labo lihlula i-Royal AM. Akungabazeki ukuthi i-Royal AM ingathanda ukuphinda umzuliswano wokuqala, kodwa kufanele iwaxwaye Amakhosi kulokhu.

Ngemuva kokunqoba okumangalisayo kwe-Chiefs ishaya iSekhukhune United, yize iqembu selinciphile, i-Royal AM akufanele ilindele umdlalo olula ngeSonto. Umdlalo uzobanjelwa enkundleni yase-Chatsworth ngehora lesithathu ntambama.

Umthombo wesithombe: @MamelodiSundownsFC 

Izihloko zakamuva