UJabeur nethemba lokuwina koweWimbledon

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kubantu base-Afrika abazoqhudelana kowe-Wimbledon wakulo nyaka kukhona u-Ons Jabeur ozimisele ngokuqhubekela phambili ngemuva kokuba ngowesifazane wokuqala kuleli zwekazi ukufinyelela kowamanqamu nyakenye.

Lo mdlali wethenisi (28) wase-Tunisia ubuyile ekulimaleni futhi uyiqede kahle imidlalo eyisishiyagalombili ye-French Open; futhi uthi unethemba lokuwina i-Wimbledon aphinde abe ngowesifazane wokuqala wase-Afrika kanye nom-Arab wokuqala ukuwina i-Grand Slam.

“Nginethemba lokuyothatha isicoco e-Wimbledon. Ngiyaphupha. Yinto ebengivele ngiyifuna,” kusho lo mdlali obekwe endaweni yesithupha emhlabeni ngokwe-SuperSport.

Abanye abadlali base-Afrika ababheke ukugqama ku-All England Club abadlali bakuleli uLloyd Harris noKgothatso Montjane.

UHarris uzobe ebambe iqhaza kuyo yomibili imiqhudelwano ezoqala kuleli sonto lapho azobe edlala yedwa nalapho azobe esizana khona nozakwabo.

Ngemuva kokuwina isicoco se-doubles noYuki Bhambri wase-India kowe-Mallorca ATP 250 ngoMgqibelo uzosebenzisana nomdlali waseMelika uRobert Galloway kowe-Wimbledon njengoba laba bobabili beqala umkhankaso wabo ngoLwesithathu.

UMontjane owazalelwa e-Limpopo ungomunye wabadlali bethenisi abahamba phambili abahamba ngesihlalo esinamasondo kanti kulo nyaka ube ngowesifazane wokuqala wakuleli ukuwina isicoco se-French Open kusukela ngo-1981.

Utshele umsakazo i-Jacaranda FM ukuthi ukholelwa ekutheni kukhona okumele ayokuqedela kowe-Wimbledon. Ngemuva kokuba ngowesifazane wokuqala omnyama wakuleli ukuqhudelana ngo-2018 wabe esefinyelela kowamanqamu ngo-2021 manje usefuna ukubanga lesi sicoco asifisa kakhulu emsebenzini wakhe wonke.

Yonke imidlalo ye-Wimbledon iqale ukukhonjiswa bukhoma ku-SuperSport kusukela ngomhlaka-26 kuNhlangulana kanti izophela ngomhlaka-16 kuNtulikazi.

Esithombeni esingenhla: U-Ons Jabeur

Umthombo wesithombe: @Ons_Jabeur

Izihloko zakamuva