Izwi likaThokozani libashiye bebambe ongezansi

Lubhalwe nguNothando Makhubela

UThokozani Zulu (20) udle umhlanganiso emcimbini we-South African Schools Choral Eisteddfod (SASCE).

UThokozani ubambe iqhaza esigabeni esivulelekile somkhakha we-tenor, emqhudelwaneni obubanjelwe e-Rhema Bible Church e-Randburg.

Lo mfundi onesiphiwo ofunda ibanga likamatikuletsheni e-Zacheus Malaza Secondary School e-Emalahleni, eMpumalanga uchaze izinhliziyo nezindlebe zabathandi bobumnandi kanye nongoti bomculo, wahlomula isicoco sokuba yingqwele emculweni we-opera.

Eqhudelana nabaculi abayisishiyagalombili abavela ezifundazweni eziyisishiyagalombili ezihlukene, uphume phambili ehlula ontanga yakhe ngezwi lakhe elimangalisayo nobuciko bakhe obumangalisayo eshiya izethameli zakhe namajaji bemangele.

“Kuwumuzwa omangalisayo. Ngijabule kakhulu,” kusho yena.

Uthe usanda kuba yingxenye yekhwaya njengoba wagqugquzelwa umeluleki wakhe ophinde abe ngumalume wakhe uMaluee Mahlangu.

“Sengineminyaka emithathu ngicula. Ngiyaqala ngqa ukuwina. Ngo-2019, ngesikhathi sama-Nationals njengengxenye ye-Zacheus Malaza Male Voice Choir, ngaphuma endaweni yesithathu. Ngonyaka odlule ngithweswe isicoco sokuba ngumpetha we-tenor wesifundazwe ngaphuma endaweni yesine kuma-Nationals.”

“Ngijabule futhi ngibonga umalume uMaluee obengumqeqeshi wamakhwaya aphinde abe ngumbhidi esikoleni iZacheus Malaza,” usho kanje.

“Ngibe nentokozo ukuba sesiteji esifanayo nabaculi bamakhwaya be-opera abanethalente abanjengoPretty Yende, uGiven Nkosi, u-Esewu Nobela no-Edward Phiri.”

UThokozani uwine indebe kanye nesheke lika-R20 000.

“Umculo wamakhwaya uhlobo oluhle kakhulu olukwenza uqonde umculo ngokuphelele. Udinga nje ukuziphatha kahle nokusebenza kanzima,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: UThokozani Zulu

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva