Everson Luhanga
Kukhona inhlansana yethemba ukuthi umsakazo owodwa nokuwukuphela kwawo e-Alexandra maduze uzosakazela kulendawo futhi.
Isheke lizigidi ezi-R2 linikezwe amalungu ebhodi le-Alex FM yi-National Lotteries Commission esitudiyo esingenalutho nesiphangwe ngoLwesine.
I-Alex FM ilahlekelwe yimpahla ebiza ngaphezu kwezigidi ezi-R5 kanti iphoqeleke ukuthi isakaze e-Sandton ngesonto eledlule.
Umphathi siteshi uTakalane Nemangowe ubonge ikhomishini ngalo mnikelo wokwakha kabusha lesi siteshi, okuyizwi labantu base-Alex.
Ugcizelele ukubaluleka kokuba nesiteshi elokishini hhayi e-Sandton, lapho baphoqeleke ukuthi basakaze khona selokhu kwaphangwa.
“Kwesinye isikhathi abantu baletha izingane ezilahlekile. Abanye abahlali baya ezitudiyo zethu beyokhuluma nezintatheli zethu ngezindaba zabo nangezinkinga zabo. Kunesizathu sokuthi lesi siteshi sibe elokishini lapho esitholakala kalula kubantu bakithi,” esho.
Usihlalo webhodi, u-Isaac Mangena uthe lo msakazo ukhiqize abantu abanohlonze emisakazweni okuyimanje abasebenza ezindlini ezinkulu zezindaba ezweni lonke.
“Lo mnikelo uzoba nomthelela omkhulu ekuthuthukiseni amakhono kubantu abasha abafisa ukuba semkhakheni wezindaba,” esho.
UPhillemon Letwaba, oyisikhulu esiphezulu se-National Lotteries Commission, uthe bathintekile futhi bacasulwa wukucekelwa phansi kwempahla okwenziwe kulesi siteshi.
“I-lottery kazwelonke, ngokubonisana nebhodi, yaveza ukuthi lesi siteshi singumhlomuli,” esho.
“Phambilini sasiza imindeni yase-Alex eyathinteka ngesikhathi kusha imijondolo eminingi.”
UMangena uthe kuzothatha cishe izinyanga ezintathu ukuthi lesi siteshi sisebenze ngokuphelele.