Lubhalwe nguZukile Majova
Kuyinto enhle futhi kuyinto embi kwamanye amalungu eKhabhinethi kaMengameli uCyril Ramaphosa kulandela ukwesula esikhundleni kwesikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter ngoLwesithathu.
UNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula ube ngowokuqala ukuphakamisa ukuthi uhulumeni kudala efuna ukuthi uDe Ruyter esule esikhundleni.
“Ukwesula koMphathi wakwa-Eskom kusinika ithuba lokuthola umuntu onolwazi ngezinselelo zakwa-Eskom,” ebhala.
“Lezi izindaba ezinhle ngempela.”
UMbalula ungumsekeli omkhulu kaMengameli emzamweni wakhe wokuthatha ihlandla lesibili njengoMengameli we-ANC.
Ngisho noNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe ujabule njengoba eke wahlasela uDe Ruyter kuleli sonto eledlule, emsola ngokucekela phansi, okugcine kwenze ukuthi lo Mphathi wenkampani ephehla ugesi esule esikhundleni.
URamaphosa ogxekwa ngehlazo le-Phala Phala kanye nophunyuke ogibeni ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC kuleli sonto, akakwazanga ukuhlenga owesilisa amqoka ukuthi aphathe le nkampani ephehla ugesi.
Ngokungalindelekile, isimemezelo sikaDe Ryter size phakathi nesonto lesigaba sesine kanye nesigaba sesihlanu sokucishwa kukagesi – ngakho umphakathi wakuleli ngeke uphatheke kabi ngokuhamba kwakhe.
Kodwa ubani oyovuma ukuthatha lokho okubonakala kuwumsebenzi onzima?
UDe Ruyter owaqokwa ngo-2019, ubenguMphathi wakwa-Eskom wesi-13 kusukela ngo-2007.
Ikhabhinethi, njengomnikazi wamasheya amaningi enkampanini kagesi izobe ihamba phambili ekuqokweni koMphathi omusha nozobe ehola le nkampani esikhathini esizayo.
USihlalo webhodi lakwa-Eskom uMpho Makwana ukuqinisekisile ukuthi uDe Ruyter uzoshiya le nkampani ngomhlaka-31 kuNdasa ngonyaka ozayo.
“UDe Ruyter uvumile ukuhlala isikhathi esengeziwe esingaphezu kwesaziso sezinsuku ezingu-30 esibekiwe ukuze aqinisekise ukuthi kuqhubekani ngesikhathi siphuma umkhankaso wokufuna ozongena esikhundleni sakhe.”
UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan uthe: “U-Andre uthwale kanzima egameni lakuleli, ngifuna ukumbonga ngokuzinikela kwakhe kanye nokuqina kwakhe emsebenzini onzima.”
Ukwesula kukaDe Ruyter kuza ngemuva kokuhamba okuqinisekisiwe kwe-Chief Operating Officer, u-Jan Oberholzer ozoshiya le nkampani kagesi ngoMbasa ngo-2023.
Isazi semboni uDirk de Vos utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuqasha umphathi olandelayo wakwa-Eskom kuzoba yinto enzima.
“Kuwumsebenzi onzima futhi izidingo zawo azikwazi ukufezeka. Inkinga ukuthi umnikazi wamasheya kahulumeni akakaze aqonde kahle ukuthi u-Eskom usebenza kanjani nokuthi yini engalungile ngawo.
“NinoNgqongqoshe ababili abalawulayo; uNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi naMandla uGwede Mantashe kanye noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uPravin Gordhan.”
Izinselelo ezinkulu zoMphathi omusha kufanele ziguqule inkampani ngaphandle kwemali entsha engezwe kumaphrojekthi amasha.
Enye inselelo ukukhokha isikweletu sika-Eskom sika-R400 billion ngaphandle kokunyuka okukhulu kwezindleko.
Kant inselele enkulu kunazo zonke ukucekela phansi kwezombusazwe, lapho amaqembu ezigelekeqe avunyelwa khona ukuphanga ngokuzibophezela okuncane kukahulumeni ekubambeni izigebengu.