Izwe lethu ngeke liphinde lifane: Ukraine

Umhlaba ushaqekile ngoLwesine njengoba amasosha kaVladimir Putin ase-Russia ehlasele e-Ukraine. 

Naphezu kokuphikiswa ngamasosha athile ase-Ukraine, i-Russia ehlasela ngobuningi bayo nangezindiza emoyeni ivalele ekhoneni amadolobha ase-Ukraine, athatha i-Chernobyl Neclear Power plant avala inkaba yedolobha i-Kyiv.

Intukuthelo ivezwe enkabeni yedolobha lase-Europe kwaba nemibhikisho emadolobheni ase-Russia lapho abaphikisayo bavame ukucindezelwa ngesihluku – naphezu kokucinywa kwezindaba kanye neqiniso lokuthi abaphikisa lokhu abaziwayo baboshwa ngaphambi kokushiya izindlu zabo.

Ngemuva kokuthi uMengameli wase-Ukraine uVolodomir Zelensky enxuse labo base-Russia abaphikisana nempi ukuthi babhikishe, izinkulungwane zajoyina imibhikisho e-St Petersburg nase-Pushkin Square eduze kwase-Kremlin, esihlalweni sikahulumeni kaPutin.

Amaphini kaMasipala wase-Russia, izintatheli kanye nososayensi nabo babhale izincwadi ezivuliwe eziphikisana nokuhlasela.

Samsung Galaxy 14G

“Izakhamuzi zase-Russia azizange zinikeze uPutin igunya elinjalo,” kusho incwadi yezikhulu zesifunda, Ngaphambi kokuxwayisa ngokuthi ukuhlasela kuzoba “nemiphumela eyinhlekelele”.

“Lesi isihluku esingenakuqhathaniswa futhi esingenakuthethelelwa,” kunezela le ncwadi. Iphinde yacela abantu base-Russia ukuthi “bangathuli” kulokhu kuhlasela, bathi ukubumbana kwethu sibe into eyodwa okungamisa lokhu kuhlasela.

“Lolu usuku olukhombisa ubumnyama. Usuku olungeyona injabulo. I-Russia ihlasela i-Ukraine,” kubhala omunye wesifazane wase-Russia.

“Benginamahloni ngisho okuphuza ikhofi esitolo ngenkathi abangani bami e-Kyiv behlaselwa i-Russia.”

UMengameli waseMelika uJoe Biden, i-European Union kanye ne-United Kingdom babeke umqamula juqu omusha wezijeziso sezomnotho okuhloswe ngaso ukudicilela phansi umnotho wase-Russia.

Lokhu ababhekane nakho kuthusa izakhamuzi zase-Ukraine ezizithola ziphakathi kwempi futhi zingazi nokuzokwenzeka ngokulandelayo. 

Kunesiminyaminya sezimoto ezime emigwaqeni emikhulu njengoba izigidi zabantu zizama ukufinyelela emngceleni zifuna ukufulathela leli zwe. Abanye baminyene ezindlini bacashile kuthulekile kanye neziteshi zikaMasipala njengoba izindiza  zindizela phansi enkabeni yedolobha lase-Kyiv.

Enye intatheli ibhale ukuthi: “Angisakwazi ukusebenza, ngivele ngikhale izinyembezi. Idolobha lami, izwe lami, abantu bami bahle kakhulu, banokuthula futhi bayazwana. Siyalwa futhi sizoqhubeka nokulwa kodwa izwe lami elihle ngeke lisafana. Akukho okuyophinde kufane.”

Edolobheni elisempumalanga yezwe owesifazane wase-Ukraine wabhekana nesosha lase-Russia wabuza ukuthi kungani lize ezweni lakubo. Unxuse amasosha ukuthi aphindele ezweni labo ukuze bakwazi ukusala bephephile kanye nemindeni yabo e-Ukraine.”

Omunye wesifazane ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi unina ubecashe nabangani bakhe esikhumulweni sezindiza eduze kwase-Kyiv. Ubebala ukuqhuma kwamabhomu okuzwakale amahlandla angu-13 emizuzwini eyishumi nanhlanu. 

“Abantu base-Ukraine ngeke bakuthethelele lokhu,” kusho isakhamuzi.

UBiden uthe manje sekunoqhekeko kubudlelwane baseMelika ne-Russia, futhi wachaza ukungqubuzana njengombango phakathi kwentando yeningi nenkululeko.

UNobhala Wezangaphandle wase-Britain uDavid Lammy, ebhale kwi-Guardian, uthe ukuze sinqobe uPutin “kudingeka sihlangane simelane nemibono yakhe simelane nalabo ababusayo kanye nondlovukayiphikiswa emhlabeni jikelele: kanti abaholi base-China, e-Middle East nabo bayoba khona bebukela amandla amazwe aseNtshonalanga emelana nalokhu kuhlaselwa.”

Scrolla World Cup Quiz