Izwe laseNdiya libhubhiswa yi-Covid-19

Arthur Greene

NgoMgqibelo, izwe laseNdiya liqophe cishe izibalo ezintsha eziyi-350,000 zabantu abahaqwe yi-coronavirus.

Usuku lwesine kulandelana lapho izwe seliqophe umlando ngezibalo zabatheleleka nsuku zonke, futhi ongoti babikezele ukuthi lokhu kuqubuka kuzohlala amasonto.

Izazi zezifo zikholwa kuthi lezi zibalo eziwubhedukane ziyisiqalo yento enkulu kakhulu, kanti izibalo kungenzeka ziphakame ngenxa yokushoda kwezindawo zokuhlola ezweni.

Izibhedlela ezweni lonke kuye kwadingeka ukuba zixoshe iziguli ngoba imibhede iyaphela namazinga e-oksijini aphansi kakhulu.

UDkt Shahid Jameel, ongomunye wodokotela abahamba phambili ezweni ngamagciwane, utshele i-Sunday Times ukuthi ezibhedlela zikahulumeni, iziguli ezintathu zilala embhedeni owodwa.

Esifundazweni esiseningizimu ye-Karnataka, imindeni itshelwe nguhulumeni ukuthi ingcwabe noma ishise izidumbu zamulungu emindeni yabo ezinegciwane emagcekeni ayo.

Lesi yisimo sezwe njengamanje futhi ongasiphikela mayelana nokuzethemba uhulumeni akukhombisa ngenyanga eyedlule, lapho uNdunankulu uNarendra Modi echaza lolu bhubhane njengolusemaphethelweni “alo” okugcina.

Yize ongoti kuleliya lizwe bekusekude ukubikezela ukuqala kwaleli gagasi lesibili eliyinhlekelele, ukugxila kukahulumeni kaModi kuze kube yisonto eledlule kube sekutholeni ukunqoba ezifundeni ezine zaseNdiya ezibambe ukhetho.

U-Amit Shah, ongumsizi kaModi noNgqongqoshe Wezasekhaya, basebenzise izinsuku zokuqala eziyi-18 kuMbasa bebekhankasa, bebamba imihlangano eminyene, bengazigqokile izifonyo futhi bengaqhelelene ezweni lonke.

Maphakathi noNhlolanja, izwe belisanda kuthola imijovo yokugoma eyanele cishe u-3% wabantu balo, futhi okwamanje ligoma kuphela u-0.2% wabantu balo ngosuku.

Ukuthunyelwa kwemithi yokugoma ezweni nakho sekucishe kwamiswa.

I-Serum Institute of India, iNingizimu Afrika eyake yathenga kuyo imithamo eyizigidi eziyi-1.5 yomuthi wokugoma i-AstraZeneca, iphoqeleke ukuthi imise ukuzibophezela kwamanye amazwe.

Lokhu kufaka ukuthunyelwa kwamanye amazwe abamba iqhaza kuhlelo lwe-COVAX, oluhlose ukuhlinzeka ngemithi yokugoma emazweni amaningi ase-Afrika. Lawa mazwe athembele eNdiya ukuthi awanikeze imigomo manje abukeka ethukile.

I-Pakistan kanye neMelika bathembise ukusiza izwe laseNdiya ngokuthumela imishanguzo yezimo eziphuthumayo.

Izihloko zakamuva