Izwe lase-Zimbabwe libungaze usuku lwenkululeko

Joseph Chirume

NgoMsombuluko izwe lase-Zimbabwe ligubhe iminyaka engu-42 lathola inkululeko phakathi kwezimo ezinzima zomnotho kanye nokushuba kwesimo kwezombusazwe.

Lelizwe lalaziwa ngokuthi i-Rhodesia, kodwa lathola ukuzimelea njenge-Zimbabwe mhla lihlukana ne-Britain ngomhlaka-18 kuMbasa ngonyaka ka-1980.

Umgubho walo nyaka uveza okokuqala ngqa amaqembu aphikisayo ebambe iqhaza kulo mcimbi kusukela kwaba nombango wokhetho lukaMengameli ngo-2017.

Iqembu eliphikisayo le-Movement for Democratic Change lisanda kwehlukana nowayengumholi walo uNelson Chamisa baqala elinye elibizwa nge-Coalition for Citizens Change (i-CCC).

Okhulumela i-CCC uFadzai Mahere esitatimendeni uthe “njengenhlangano yezakhamuzi sibonga umzamo nokuzidela kwamaqhawe ethu enkululeko, amasosha, abahlanganyeli ezimpini kanye nezakhamuzi eziphilayo nabangasekho ababambea iqhaza ekutholeni inkululeko yesizwe sakithi kusukela ekubuseni.

“Nakuba kukhona ukungezwani kwezepolitiki akukho mpikiswano mayelana nokuhlonishwa kwazo zonke izikhungo, izinhlaka, imicimbi nezinhlelo zikazwelonke. Ukwethembeka kwethu e-Zimbabwe kanye nokwethembeka kwethu ezweni uphawu oluphelele lokulondolozwa komlando wethu ifa kanye nobuntu bethu njengabantu.”

I-CCC ikhuthaze abantu base-Zimbabwe ukuthi baqede ukungezwani kwezombusazwe ezweni bajabulele izwe ngokuzimela.

“Usuku lokuzimela olwethu sonke njengenzalo yase-Zimbabwe. Ngalesi sizathi sikhuthaza zonke izakhamuzi ukuthi zibambe iqhaza ezinhlelweni nemicimbi kazwelonke ebalulekile ngaphandle kokuzingcolisa ngokuziphatha okuchemile.”

Izimo ezinzima zomnotho e-Zimbabwe zidale izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi okukhiphe abantu beyofuna amadlelo aluhlaza kwamanye amazwe.

Iqembu elibusayo le-ZANU PF lisola izijeziso ezabekwa ngamazwe asentshonalanga kanti amaqembu aphikisayo asole uMengameli uEmmerson Mnangagwa enkohlakalweni yokungaphathi kahle umnotho kanye nabamesekayo.

Umhlaziyi ocubungula ezombusazwe uMnu uStephen Chan uthe “isizukulwane esalwela inkululeko sesihlale isikhathi eside sibusa sesisialele emuva ngezidingo zomhlaba zanamuhla kanye nezidingo zesikhathi esizayo.

UmgciniSihlalo wenhlangano ye-Zimbabwe Migrants Support Network uChris Mapingure uwuthakasele lo mcimbi. 

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi “lokhu kuhle njengoba izwe selithole inkululeko futhi kufanele silwele ukulawula ngokuphelele imithombo yethu yemvelo ukuze siqhubeke nenkululeko.”

Imiyalezo ephuma kubantu base-Zimbabwe ikhombisa ukwehlukana okukhona ezweni kusho uTapfumaneyi. 

OUmyalezo ophuma kuMarwodzi uthi “Ngokuthobekile Mengameli wami uMnangagwa othobekile ngikufisela usuku oluhle lenkululeko kwangathi ungaphila isikhathi eside.”

NokhoKanti uBhehe Njomane Nzinda uthe, “Sizimele kodwa asikhululekile ngakho akukho eokumele sikubungaze.”

Izihloko zakamuva