Izwe lase-Zambia liyaziqhenya kakhulu ngoMengameli wabo omusha uHichilema

Sousa Jamba

Ubudlelwano phakathi kwami ne-Zambia baqala ngo-1977, eminyakeni eyishumi, udadewethu kanye nomyeni wakhe behamba nami bebalekela impi yezikhali yase-Angola. I-Zambie yayizimele iminyaka eyishumi nambili.

UMengameli uKenneth Kaunda, owayenguMengameli wokuqala, wathathwa njengeqhawe elalwela ukuzimela. I-UNIP, iqembu elalibusa ngalezo zikhathi, lalinamandla ngalendlela yokuthi akekho noyedwa, owayengafakela inselelo kulaba abadala abanesandla sokuwa kwe-British.

Amashumi amabili eminyaka i-Zambia isike yaba nohulumeni abahlukene – abangena ngokuqokwa baphinde baphume uma sekuvotwa.

Ngenyanga edlule, uHaikande Hilchilema udlule uMengameli u-Edgar Lungu okhethweni, njengoba i-Zambia iphinde yabona ukudluliselwa kwamandla ngokuthula.

Isizwe sase-Zambia sithanda ukuzifanisa njenge-Switzerland esemazweni ase-Afrika. Lokhu kuyayelula i-Zambia, esendaweni embi kakhulu – ngasenyakatho kanye ne-Democratic Republic of Congo, njengoba inohlelo lwayo lwezepolitiki elingalawuleki futhi izimpi zakhona azipheli; entshonalanga ne-Angola, kanti izinga lobugebengu kuhulumeni lukhuphuke kakhulu, eningizimu yase-Zimbabwe, enombutho wayo owashintsha waphenduka osopolitiki.

Kuzo zonke izidingo ezimile, osopolitiki base-Zambia badlule ebunzimeni.

Uma sebenesikhundla, bathola izinkontoleka noma ilungelo lokukhokhisa intela abadayisi abancane. Abanye izigebengu uqobo lwazo abahlukumeza baphinde bahlaze izimbangi zabo.

I-Zambia ithatha imfundo njengento ebalulekile. Endaweni yase-Kaunda, indawo enhlwempu lapho engachitha khona isikhathi sami ngisemncane, kunezinkulisa kuwo wonke amakhona endawo lapho izingane ziqala khona ukufundiswa zisencane. 

Abazali bazama ngisho nangezinto ezincane, futhi bayazimisela ukukhokhela abantwana ukuba baye kofunda. Kwake kwaba khona ihholo elibizwa nge-beer hall elalidumile, kodwa selaphendulwa inkulisa okufundiswa khona izingane ulimi lwe-French kanye nele-Portuguese.

Ngezikhathi zethu cishe kwakunezikole zamabanga aphakeme ezingaphansi kwezingama-20, njengoba edolobheni manje seziningi. Kukhona ngisho amanyuvesi amaningi manje edolobheni.

Ngezikhathi zethu sisebancane, akekho obenomabonakude kubo, kodwa manje wonke umuntu useyakwazi ukubuka isiteshi zezepolitiki, amadokhumentari, nemidlalo emhlabeni wonke. Umphumela uveza ukuthi i-Zambia ibhekelela kakhulu izingane.

Iminyaka eminingi u-Hichilema, usomabhizinisi ocebile oqhamuka eqenjini le-Tonga ethnic group eNingizimu yesizwe, ukufika kwakhe kuchazwe njengomuntu wesizwe.

Kwashiwo njalo nangeqembu le-UPND ayeliphethe. Kodwa ekuqokweni okusanda kwenzeka lo owaziwa njengomuntu wesizwe akazange ahehe intsha ngokomqondo ebibhekene nezinkinga eziningi.

Yize kunamaqembu athile, uMengameli wokuqala wase-Zambia wenza isiqiniseko sokuthi bonke bahlangane. Ngangifunda e-boarding School enyakatho nentshonalanga yezwe nozakwethu abagcwele i-Zambia yonke.

Ozakwethu sebengabazali abanye sebenabazukulu – inzalo yabo inokuxhumana okuqinile kuzo zonke izingxenye zezwe ezahlukene, yize kukhona izingxoxo zepolitiki ezishubile, i-Zambia ihlezi igwema into engasusa udlame kanye nokungazwani.

Kuleli sonto, iZambia ibijabule kakhulu ukuthi uMengameli wabo omusha uyena owokuqala umholi wase-Afrika owamenywa e-White House, wahlangana noMengameli uJoe Biden. Wagcina esehlangana nephini likaMengameli uKamala Harris okwavela ukuthi useke waya e-Zambia esemncane.

Iqiniso lokuthi enkulumweni yakhe uMengameli we-UN uBiden uthe intando yeningi entsheni yase-Zambia eyavota ngobuningi bayo ukuze ilwe nenkohlakalo egcwele kuhulumeni, sekwenze abantu abaningi base-Zambia babe nokuziqhenya okukhulu.

Ezingxoxweni zomsakazo nezindawo zokucima ukoma, i-Zambia isinconywe isonto lonke ngokuthi ngisho oMengameli abaphuma emazweni acebile ase-Afrka abakaze bamenywa e-White House.

Bazishaya isifuba ngokuthi uHichilema uhambe ngendiza eya emhlanganweni we-UN obuse-New-York ehamba ngendiza ejwayelekile yezohwebo ephelezelwe abasizi bakhe abathathu, nokuthi uhambe ngezinyawo amakhilomitha amane esuka ehhotela lakhe eya emhlanganweni we-UN kunokuba aqashe imoto ewuhlobo oluphezulu ebizayo.

I-Zambia iyaziqhenya kakhulu ngesizwe sabo – kodwa akukhona ukuziqhenya okungalawuleki. I-Zambia ifuna ukunqoba – kodwa bafisa amazwe ase-Afrika ukuba anqobe kanye nabo.

Izihloko zakamuva