IZwakala Festival iya e-Market Theatre   

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Njengoba iZwakala Festival yaminyaka yonke ibungaza imidlalo yeshashalazi ehamba phambili kuleli, kuyigxathu lokuvula iminyango e-Market Theatre.

Abangene kowamanqamu walo mbukiso bazobe bethinta izihloko ezinjengomthelela we-Covid-19, ukushushumbiswa kwabantu, ukuba khona komuntu wesithathu othandweni lwababili kanye nohambo lwe-anoestrus lokuzithola.

UKgomotso “MoMo” Matshonyane owaziwa kakhulu ngezindawo azidlalayo emidlalweni yeshashalazi efana ne-Have You Seen Zandile, i-TAU kanye ne-Tsotsi the Musical ungumqondisi womcimbi walo nyaka.

Uphinde abe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude kanye nombhali ohlonishwa kakhulu.

Ukhulume ne-Scrolla.Africa mayelana nohambo lwakhe kulo mcimbi kanye nolwazi lwakhe njengomqondisi walo nyaka.

“Njengothisha emidlalweni yeshashalazi nginothando nesiphiwo sokuqondisa nokubumba ukukhula kwabantu kwezobuciko. Ukuba yingxenye yalo mcimbi njengomqondisi wawo kube yinto ethokozisayo nevula amehlo,” esho.

IZwakala Festival 2022/23 iqale ukukhetha iqembu nomsebenzi wayo ngoMandulo nyakenye futhi udidiyelwe waphinda  wagqugquzelwa uMoMo kanye nomqambi wephrojekthi wesikhathi eside ophinde abe umsunguli uSipho Mwale.

Babone imibukiso ezikhungweni zomphakathi, ezikoleni, emabandleni – cishe noma kuphi la maqembu angathola khona indawo yokuzilolongela imidlalo yawo.

“Sihambe iGoli lonke sifuna la maqembu omphakathi, kusukela e-Katlehong kuya e-Rockville, ePitoli, e-Tshepisong, e-Tembisa nase-Caltonville kanye nakwezinye izindawo eziningi,” kusho uMoMo.

Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha zokuzilolonga, izinkundla zokucobelelana ngolwazi, ukubukisa nokukhishwa kwabathile, i-The Market Theatre izodlala umlenze wokugcina weZwakala Festival, lapho okuzoqhudelana khona imidlalo emine. Amajaji azobe ehlanganisa uVanessa Cooke, uNana Pooe kanye noMonageng “Vice” Motshabi.

“Abathandi bemidlalo yeshashalazi bengalindela izindaba zangempela, ithalente elisha kanye nesikhathi esimnandi,” kusho uMoMo.

Umcimbi wesi-29 waminyaka yonke weZwakala uba mhla ziyishumi nomhlaka-11 kuNhlolanja.

Esithombeni esingenhla: UKgomotso “MoMo” Matshonyane

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva