Izulu lezandla kudubulana amaphoyisa namasela

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ekuqaleni bekuzwakala sengathi umsindo wabantu ababemba egcekeni lakhe. Kodwa wakuziba.

Kamuva ebusuku uzwe umsindo wokuqhuma kwesibhamu kanti ngesikhathi elunguza ngefasitela uye wabona amalambu amaphoyisa aluhlaza okwesibhakabhaka.

Kube sekungqongqoza iphoyisa emnyango lamtshela ukuthi kwenzakalani.

“Ngesikhathi ngiphuma emzini wami amaphoyisa angitshele ukuthi abedubulana nabantu ebebemba izintambo zikagesi egcekeni lami,” kusho uNomayenzeke Sipele oyisakhamuzi sase-Hazeldean eKapa.

Lokhu kwenzeke ezintatha zangoLwesithathu ngesikhathi abeba amakhebula namaphoyisa bedubulana kwabulawa obesolwa ngokweba.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uSipele uthe le ndoda iphuma emijondolo yaseRamaphosa eseduze. Ubengomunye weqembu lamadoda asemijondolo akade ezama ukuxhuma ugesi ophuma e-Hazeldean ngokungemthetho.

“Besinaso isigxobo sikagesi kodwa muva nje siye sashintshwa ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho osekubeke izimpilo zethu engcupheni,” esho.

Uthe akazi ukuthi kukangaki umuzi wakhe ucishe usha ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho.

“Ngajabula kakhulu ngesikhathi idolobha lishintsha lifaka ugesi ngaphansi komhlaba ngoba ngangizitshela ukuthi ngizogcina nginokuthula kodwa benginephutha.

“Ngesikhathi amaphoyisa efika abasolwa baye bahlakazeka badubula. Kuthiwa umufi udutshulwe ngemuva kokudubula ebhekise emaphoyiseni.”

Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uRobbie Raburabu ukuqinisekisile ukuthi bazophenya ngembangela yokushona.

Omunye ontshontsha amakhebula kagesi wasemijondolo yaseRamaphosa ongathandanga ukudalulwa uthe “Sifuna ugesi. Ukufaka amakhebula kagesi ngaphansi noma ngaphezulu kuyafana. Sizowathola. “Siphatheke kabi ukuthi silahlekelwe ngomunye wamalungu ethu kodwa ngeke kusivimbe ukuthi siye khona ukuyolanda ugesi.”

Ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho kusaqhubeka nokuba inkinga enkulu emijondolo njengoba izakhamizi zibeka izimpilo zazo engcupheni ukuze zixhume ugesi.

Nakuba isidingo sikagesi siqondakala, ukuxhuma ugesi ngokungemthetho akubeki nje kuphela impilo yomuntu engcupheni kodwa kubeka izimpilo zomakhelwane babo engozini.

Esithombeni esingenhla: UNomayenzeke Sipele ubelele ubuthongo ngesikhathi evuswa ukuqhuma kwesibhamu egcekeni lakhe. 

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva