Izulelwa amanqe iMeya ye-DA

Selokhu athatha izintambo cishe ezinyangeni eziyishumi ezedlule iMeya yaseGoli uMpho Phalatse ubephila ngesikhathi esibolekiwe kubhala uZukile Majova.

Uhola ubumbano lohulumeni olukhulu  kunawo wonke emlandweni wezwe owakhiwe ngamaqembu ayisishiyagalolunye ezombusazwe.

Okwenza kube nzima kakhulu ukuthi ukuvikeleka kwakhe kuqhamuka kwi-EFF eyanqaba ukujoyina uhulumeni wobumbano, kodwa yathembisa ukuthi ngeke ibumbe umbimbi nohulumeni we-ANC ngemuva kokhetho loMasipala ngoLwezi nyakenye. 

I-EFF ibonakala ishintsha futhi ingase yeseke isiphakamiso sokungamthembi iMeya uPhalatse emasontweni azayo.

Amaqembu amancane okuhlanganisa i-UDM, Cope, i-Al Jama-ah, i-PAC, i-AIC, ne-ATM athi uPhalatse udelele umphakathi omnyama wase-Soweto ngokuhluleka ukuphumela obala emhlanganweni womphakathi izikhawu ezimbili.

Umzamo wangaphambilini wokuphakamisa ivoti lokungamethembi uPhalatse ngamaqembu amancane wachithwa.

La maqembu ngeledlule akhipha ilungu le-DA nonguSomlomo womkhandlu uVasco Da Gama ngosizo lwe-ANC ne-EFF.

USomlomo obambile uMnu Collen Makhubela, oyilungu le-Cope eyingxenye yomfelandawonye we-DA usole i-DA ngokungamazisi njengoSomlomo.

Kuthe uma kuqubuka umbango wezepolitiki i-DA ivulele amakhansela amabili e-ANC icala lobugebengu asolwa ngokuzama ukugwazela ikhansela ngo-R2 million ukuze livotele ukukhishwa kukaDa Gama.

Kushubile nase-Tshwane njengoba i-Action SA eyasiza i-DA yanqoba idolobha lase-Tshwane ikholelwa ukuthi kunenkohlakalo ezinhlelweni zokusebenzisa u-R26 billion kulungiswa iziteshi ezimbili zikagesi i-Rooiwal ne-Pretoria West.

I-Action SA ifuna kususwe iMeya uRandall Williams futhi imeme ihhovisi lomvikeli womphakathi ukuthi liphenye iMeya.

Uhulumeni wobumbano okhona e-Tshwane wakhiwe i-DA, i-Action i-SA, i-Cope, i-Freedom Front Plus kanye ne-ACDP.

Umthombo wesithombe: @Mayor_Mpho_Phalatse

Izihloko zakamuva