Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-Red Sea international film festival isimemezele ukuthi izoxhasa ngemali ifilimu ebizwa ngokuthi i-Jeanne du Barry ekhuluma ngomlando wase-France edidiyelwe nguMaïwenn.
Le filimu iphethe uJohnny Depp olingisa njengeNkosi yase-France uLouis XV yangeminyaka yamakhulu angu-18, kanti uMaïwenn ulingisa indawo kaMadame du Barry.
Lo mcimbi wase-Saudi Arabia wethulwa ngo-2019 futhi kusukela ngaleso sikhathi ususekele amafilimu angaphezu kuka-150 avela emazweni ase-Arab nase-Afrika.
Okokuqala ngqa i-Red Sea izozibandakanya nefilimu yase-France futhi izosebenza njengabadidiyeli abakhulu befilimu.
Isikhulu esiphezulu se-Red Sea, uMohammed Al Turki uthe lo msebenzi abazowenza bayawuthakasela kakhulu.
“Sijabule kakhulu ngokweseka ifilimu edidiyelwa uMaïwenn, i-Jeanne du Barry njengoba kuyithba eliyingqayzivele lokuzibandakanya nalefilimu yomlando womuntu kanye nobufakazi bokuzibophezela kwethu ekusekeleni ithalente elisha nokusebenzisana nababhali, abaqondisi nabakhiqizi abasezingeni lomhlaba,” kusho u-Al Turki isitatimende.
“Sithemba ukuthi lokhu kubambisana kuzoqinisa ubudlelwano phakathi kwe-cinema yase-Saudi ne-France njengoba le kuzoba ifilimu yokuqala esiyisekelayo futhi edidiyelwe owesifazane.”
I-Jeanne du Barry izokhishwa ezinkundleni zemidlalo yeshashalazi kulo lonke elase-France maduze ngaphambi kokuthi iphume ku-Netflix emhlabeni jikelele ngokuhamba kwesikhathi.
Isithombe esingenhla: Esefilimu i-Jeanne du Barry
Umthombo wesithombe: @WionShowbizz