Izovalwa ithaveni yezimanga eMgungundlovu

Lungi Langa

Uphiko olubhekelela ezotshwala KwaZulu-Natal lumise ilayisensi yethaveni iSamukelisiwe ese-Sweetwaters eMgungundlovu ngenxa yesigameko sokudutshulwa kwabulawa abantu abane kwalimala abayisishiyagalombili endaweni yokucima ukoma ngoMgqibelo odlule.

Esitatimendeni esikhishwe iloyo oyibamba lesikhulu esiphezulu kulesi sikhungo uMnu Bheki Mbanjwa, sithi ngoLwesithathu bathathe isinqumo sokumisa ilayisensi yendawo yokucima ukoma okungenani izinyanga ezintathu ngemuva kokuthola ukuthi umnikazi wayo wephule imibandela yelayisensi.

“I-KZN Liquor Authority inqume ukuyimisa ilayisensi ngokushesha isikhathi esiyizinyanga ezintathu noma baze baqinise ezokuphepha kule thaveni,” kusho uMbanjwa.

“Izakhiwo zizohlala zivaliwe kusukela ngomhlaka-14 kuNtulikazi kuze kube sekupheleni kwesikhathi.”

Uthe i-KZN Liquor Authority ithole ukuthi kunezibophezelo zokuphepha ezenziwa ngumnikazi welayisensi yendawo yokucima ukoma ezingalandelwanga njengokusho kwezincwadi zesicelo ezilethiwe.

Lokhu kuholele ekuphulweni kwemibandela yelayisensi ebekwe iziphathimandla. Kukholakala ukuthi abakade behlomile ababili bangene endaweni yokucima ukoma badubula abantu kwashona abane kwalimala abayisishiyagalombili.

UMbanjwa uthe ngenxa yalesi sigameko iziphathimandla zenze uphenyo lwangaphakathi ngemizamo yokuthola ukuthi ngabe akukho yini ukwephulwa kwemibandela yelayisensi yotshwala ngumnikazi wendawo yokucima ukoma. 

Abakutholile sekuholele ekutheni bathathe isinqumo sokumisa ilayisensi yendawo yokucima ukoma.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uMnu Mbuyiseni Mntambo uthe ubengakaziswa iziphathimandla ngokumiswa kwendawo yakhe. Uthe ngokwazi kwakhe uzifeze zonke izidingo ngokwemibandela yelayisensi.

UMntambo uthe uselinde ukuzwa kwabomthetho njengoba ebeqala ngqa ukuzwa ngalolu daba.

Izihloko zakamuva