Sizwe Sibiya
Kulindeleke ukuthi ishise izikhotha ingoma yamawele akwaQwabe angaphansi kwe-Afrotainment. Ingoma yawo entsha ithi “Alusafani”.
Ikhishwe okokuqala ngoLwesihlanu ngomhlaka-12 kuNcwaba kuwo wonke amapulatifomu edijithali.
Laba bobabili babolekwe ingoma eshisa izikhotha ehlanganiswe nguXowla, uMduduzi Ncube noBig Zulu beNkabi Nation. Bacula ingoma uthando.
Isifakwe ezingomeni ezihamba phambili ezingu-20 futhi ikhuphuka ngokushesha.
Ukukhuphuka kwayo kusizwe ukuduma kokwakhiwa kwevidiyo yomculo enetimu yomshado. Abantu bebezitshela ukuthi elinye lamawele liyashada ngemuva kokubona iziqeshana zomculo wabo zisabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Manje ingoma ihlezi endaweni yesibili kumashadi omculo ahamba phambili e-YouTube okuyilapho ividiyo yomculo ekhishwe khona ngoMsombuluko ngomhlaka-15 kuNcwaba ihlezi enombolweni yesihlanu futhi ikhuphuka eshadini elifanayo.
Ukuphela kwento ehlukanisa amawele akwaQwabe ekufinyeleleni ekuqaleni nguMakhadzi ongahlali kahle endaweni yokuqala ngevidiyo yomculo ethi “Magear”.
Manje isisondela ukubukwa abantu abangaphezu kwesigamu sesigidi endaweni yokusakaza kulandela ukukhishwa kwayo ngomhla ka-12 kuNcwaba.
Phakathi kwesizini yamapiano, i-Afro-pop iyona ehamba phambili ngezingoma ezine kweziyisihlanu eziphezulu okubalwa kuzo ekaLwah Ndlunkulu ethi “Ithuba” ehambisana noSiya Ntuli endaweni yesithathu, kanti ekaNomfundo Moh ethi “Sibaningi” ehambisana noKwesta ihlezi endaweni yesine. Zombili izingoma, “Ithuba” nethi “Sibaningi” zikhishwe ngaphandle kwevidiyo yomculo ngesonto eledlule.
Amawele akwaQwabe uViggy noVirginia Qwabe baqala ukujabulisa uMzansi ngamazwi abo ngesizini yeshumi nanhlanu yama-South African Idols ngo-2019.
Lama wele aphuma kulolu hlelo ngemuva kokuthi uViggy ephumile kulandela ukuhluleka ukuthola amavoti anele ukuze abe phezulu kwabane kulo mqhudelwano ngokwesitatimende esakhishwa kuMzansi Magic ngoMfumfu ngo-2019.
Umthombo wesithombe: Afrotainment
Umthombo wevidiyo: YouTube