Sizwe Sibiya
Nakuba uMzansi usalwa nesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane inkundla yokusakaza umculo i-Apple Music iqala inyanga yabesifazane ngendlela enhle ngomkhankaso wohlu lwezingoma zabesifazane abanombono.
Abesifazane abangamashumi amabili nanhlanu endaweni yokuzijabulisa emhlabeni wonke, okuhlanganisa abalingisi, abaculi nabezindaba abavela eNingizimu Afrika babelane ngohlu lwabo lomculo oluvela kwabesifazane abakhuthaza ubuciko babo ngomculo.
Ukwabelana ngohlu lwezingoma ezingu-26 nezingasoze zabuna ezifana nekaBrenda Fassie ethi-Weekend Special nekaLebo Mathosa ethi-I Love Music kanti isihlabani se-R&B u-Elaine ogama lakhe langempela nguNdivhuwo Elaine Mukheli uthe uyabathanda laba futhi uyabahlonipha abesifazane abasohlwini lwakhe alukhethile.
“Umgubho wosuku lwabesifazane luhlanganisa uhlu lwabesifazane engingakhulanga nje ngokubalalela kuphela, kodwa nabesifazane abasebasha emculweni engibathandayo nengibahloniphayo,” kusho u-Elaine ku-Apple Music.
“Ukulalela umculo wabo kungenza ngizizwe nginamandla, ngikhuthazekile futhi kungiqinisekisa ukuthi ngingakwazi ukuzuza noma yini engiyifisayo.”
Owake waba ngunobuhle kazwelonke uZozibini Tunzi wabelane ngohlu lwezingoma ezingu-25 nedlanzana labaculi bakuleli abafana no-DJ Zinhle, uThandiswa Mazwai, u-Ami Faku no-Amanda Black nabanye. Wachaza ukuthi laba abesifazane abanemibono.”
“Umbono wesifazane ngowesifazane ongasabi ukuya lapho abanye bengakayi khona. Uyawaqonda amandla futhi unesibindi sokuphikisa okuphambi kwakhe. Akaboshiwe isimo esikhona futhi uhlala ezulazula eqinisweni lakhe.
“Umbono wami ngesizukulwane esizayo sabesifazane ukuthi baqhubeke nokuthatha indawo ikakhulukazi ezindaweni abatshelwe ukuthi akuzona ezabo kumele bazi ukuthi banelungelo lokufinyelela noma ikuphi,” kwengeza uTunzi oqhubeka nokuba isibonelo esihle kwabesifazane abasebasha emhlabeni wonke.
Abanye besifazane abaqokwe ukuphusha lo mkhankaso okulindeleke ukuthi udlale inyanga yonke kubalwa uSha Sha, uSimmy, uLoot-Love, uMsaki nomlingisi uNatasha Thahane.
NgoLwesihlanu ngomhlaka-29 kuNtulikazi i-Scrolla. Africa sibike udaba olubuhlungu lwabesifazane abayisishiyagalombili okusolwa ukuthi badlwengulwe iqembu lezigelekeqe ngesikhathi kushuthwa ividiyo yomculo emayini endala e-Krugersdorp e-Gauteng.
Umthombo wesithombe: Apple Music