Lishone elayizolo i-EFF ingakazi ukuthi ubani ezomenza iMeya eThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Amakhansela eqembu i-EFF asalinde ubuholi bukazwelonke mayelana nokuthi ngabe bazophakamisa elabo igama yini esikhundleni sozoba imeya yaseThekwini. 

Lokhu kuvezwe usihlalo wekhokhasi yamakhansela aleli qembu eThekwini uMnuz Themba Mvubu obecacisa ukuthi abasenabo ubudlelwano noKhongolose njengoba ngoLwesithathu ekuseni kuzohlala umkhandlu ngokukhethekile ukuze kukhethwe imeya entsha.

“I-EFF ayisiyona ingxenye yalo Hulumeni woBumbano ngakho thina sizolinda umyalelo oqhamuka phezulu mayelana nokuthi ngabe sizovota kanjani. Kungenzeka kube ukuthi laba bakaHulumeni wobambiswano siyabadedela bazikhethele umuntu wabo ozozehlulelwa umsebenzi ngaphandle kokuthi sibeseke,” kusho uMvubu.

I-EFF noKhongolose bagqabule igoda lomshado wabo obusanesikhathi esingunyaka ngemuva kokuba i-EFF yaphuma ebudlelwaneni eyayinabo ne-IFP.

Umshado wabo noKhongolose uphele ngenyanga eyedlule ngemuva kwezinkinga ezigqame ngonyaka owedlule lapho i-EFF ibikhala ngokuthi izisebenzi zeTheku zihlangene noKhongolose zibashaya ngesithende kwezezimali ekomidini labo lezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda abebeliphethe.

Lokhu kuholele ekutheni amakhansela e-EFF abhekane ngeziqu zamehlo namaphoyisa kamasipala emhlanganweni obungoLwezi  wokuchitha uMnuz Mxolisi Kaunda.

Kumanje umhlangano wangoLwesithathu ubhekwe ngabomvu ukuthi ngabe amaqembu abambisene kuHulumeni woBumbano KwaZulu-Natal nakuzwelonke okuyi-ANC, i-DA ne-IFP azosekana yini uma sekukhethwa imeya.

Lokhu kulandela ukuthi i-IFP ne-NFP bebhekane ngeziqu zamehlo bebanga umasipala waseZululand ngoba i-NFP yayithi bayethembisa ngemuva kokubeseka ekuphatheni iKZN.

I-IFP yathi isivumelwano sokusebenza kuzwelonke nasezifundazweni asihlangene nomasipala. 

UKhongolose yiwo okwamanje okusavela ukuthi uzophakamisa igama kwesobumeya nokungakaziwa noma kuzoba elikaMnuz Bheki Cele noma uNkk Nomusa MaDube-Ncube noma uMnuz Cyril Xaba.

Izihloko zakamuva