Izokhokhelwa imali imindeni ezala kakhulu e-China 

I-China izwe elinabantu abaningi emhlabeni inenkinga engajwayelekile: Zincane izingane ezibelethwayo.

Ukuze kulungiswe lokho elinye idolobha linikeza izithandani imali efinyelela ku-R47,200 ngezingane ezizizalayo.

Idolobha eliseningizimu ye-Shenzhen lingelinye lokuqala ukwenza isiphakamiso semihlomulo yemali.

Amadolobha ezweni lonke ahlela izindlela zokukhuthaza izithandani ukuthi zibe nezingane eziningi.

Ngokwephephandaba eliphethwe yiqembu lamaKhomanisi i-Global Times, izakhamizi zakuleli dolobha ezingu-17.7 million zizoxhaswa ngemali elinganiselwa ku-R18,000 ngokuqala umndeni.

Izithandani ezinezingane ezintathu noma ngaphezulu zizothola imali ephakathi kuka-R26,700 no-R47,200.

Le mali ehlongozwayo izoba inhlanganisela yemali ekhokhwa kanye yokubhalisa ukuzalwa kanye nezinkokhelo ezivamile.

Omama abazobe bebeletha ingane yesibili neyesithathu bazothola uxhaso noma isibonelelo sikahulumeni njalo ngenyanga kuze kube yilapho ingane iba neminyaka emithathu.

I-Shenzhen okungenye yezindawo zezomnotho ezikhethekile iziqhenya ngezinga eliphezulu kakhulu lenzalo e-China njengoba liakhula laba isikhungo esikhulu sokukhiqiza nobuchwepheshe. Kodwa izinga lehla kakhulu kusukela ngaleso sikhathi.

Sekuyisikhathi eside i-China ihamba phambili ngokuba izwe elinabantu abaningi emhlabeni, kodwa umgomo oqinile wokuba nengane eyodwa ulehlise kakhulu izinga layo lezingane ezibelethwayo.

Ngo-2016, i-China yaxegisa inqubomgomo yayo yengane eyodwa futhi yavumela imindeni ukuba ibe nezingane ezimbili. Ngo-2021 yethula inqubomgomo yezingane ezintathu emndenini owodwa.

“Kumele sisungule uhlelo lwenqubomgomo yokweseka izingane ezizalwayo, futhi kumele sisebenzise isu likazwelonke lokubhekana nokuguga,” kusho uMengameli uXi Jinping engqungqutheleni yeqembu elibusayo ngonyaka odlule njengoba izazi zezomnotho zazifuna ukuthi kukhuthazwe abantu ngemali.

Izakhamizi eziningi zase-Shenzhen zibukeka zinokungabaza ukuthi izinkokhelo zingakhuthaza abantu ukuthi babe nezingane eziningi. Zingu-10.6 million kuphela izingane ezazalwa e-China ngo-2021 isibalo esincane kakhulu kusukela ngo-1961, kanti bekulindeleke ukuthi isibalo sehle ngo-2022 sibe ngaphansi kuka-10 million.

I-India kulindeleke ukuthi idlule i-China njengezwe elinabantu abaningi emhlabeni kulo nyaka.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe Ngenhla: Izingane zase-China ezisesibhedlela

Umthombo wesithombe: CNN

Izihloko zakamuva