Lubhalwe nguMichael Madyira
Imidlalo ye-Premier Soccer League iyabuya kuleli sonto ngemuva kwekhefu le-Fifa lamazwe ngamazwe njengoba iBafana Bafana ikwazile ukungena kowamanqamu e-Africa Cup of Nations ka-2023.
IKaizer Chiefs izobhekana neStellenbosch FC ngoMgqibelo kulandela izinsuku ezingu-14 ngaphandle kwebhola lokuncintisana.
Ngaphambi kokuthi kumiswe i-Fifa umqeqeshi waMakhosi, u-Arthur Zwane uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi kuzophazamisa ukuziqeqesha kweqembu kodwa manje usecula ingoma ehlukile.
“Kusinikeze ikhefu elincane lokuphumula njengoba besinengcindezi yokudlala isonto nesonto,” kusho uZwane kwabezindaba.
IChiefs iye ekhefini isanqobe imidlalo emine kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukunqoba imidlalo emine kulandelana kube intokozo abayithola okokuqala kusukela ngoMfumfu noLwezi ngo-2019.
UZwane ubesaba ukuthi isikhathi samazwe ngamazwe sizophazamisa umfutho wabo uma sebebuya.
Kodwa manje lezo zinkathazo zisemuva emqondweni wakhe yize ezobhekana neqembu laseStellenbosch elingase libaphazamise.
Njengoba ekholwa ukuthi ikhefu le-Fifa libavumele ukuthi bazivuselele, umqeqeshi weChiefs ufuna abadlali bakhe baqhubeke lapho begcine khona.
“Siyazi ukuthi iStellenbosch izobe ifuna ukusihlula, kodwa sifuna ukuqhubeka nendlela ebesidlala ngayo,” kusho uZwane.
“Kubalulekile kuthina ukuthi sibe phezulu futhi siphonsele inselelo indawo yesibili. Njengoba ngike ngasho phambilini, sizothatha umdlalo owodwa ngesikhathi.”
IChefs ibhakene nenselelo enzima yokuthola indawo yesibili uma isibhekana neSuperSport United, i-Orlando Pirates neCape Town City.
UZwane uncoma kakhulu iqembu lakhe ngokuhlala eduze kweSuperSport esendaweni yesibili ngamaphuzu amabili kunabo.
“Kumele ngibancome abadlali. Balwe kakhulu futhi bekungelula.”
Izimbangi zeChiefs, iStellenbosch sezinqobe imidlalo emine zadlala ngokulingana emidlalweni emihlanu edlule yeligi okuhlanganisa nokuvimba iMamelodi Sundowns ukuthi inqobe kule sizini.
Isithombe esingenhla: Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane
Umthombo wesithombe: IKaizer Chiefs