Izoba nomthelela omuhle nomubi imvula enamandla ehlasele eNMB

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Zibhekene nengwadla izakhamuzi zase-Nelson Mandela Bay obekumele zisindise izimpahla zazo ezicwile emanzini ngempelasonto ngemuva kwezikhukhula. 

Kube nemvula enamandla, nakuba ibijabulisa ngemuva kwesomiso esicekele phansi izinto eziningi, izakhamuzi eziningi ziphoqeleka ukuba ziphume ezindlini zazo futhi zinqwabelane emahholo omphakathi nasemasontweni.

Indawo enemijondolo yaseDongweni elokishini laKwazakhele ingenye yezindawo ezikhahlamezeke kakhulu. Isendaweni ephansi, okwenza izakhamuzi zakhona zibe sengozini yezikhukhula.

UNkk Phunyezwa Mvunyiswa (32) ongunina osemncane wezingane ezimbili zamantombazane, uthe impahla yabo eningi ilahleke ngaphansi kwamanzi.

“Silale endaweni ebandayo ehholo lomphakathi izolo ebusuku, ifenisha yethu, izinto zikagesi, igilosa kanye nemibhalo ebalulekile icwile emanzini. Sidinga lonke usizo esingaluthola ngoba angazi ukuthi sizoqhubeka kanjani kulokhu.”

Ikhansela lakuwadi-19, uGamelihle Maqula, uthe isizathu sokuthi imizi icwile emanzini yingenxa yokuvaleka kwamapayipi amanzi.

“Lezi bekungezona izikhukhula. Kube nemvula enamandla, kodwa akuzona izikhukhula. Okwenzekile ukuthi komunye wemisele lapho besihlanza khona izolo ebusuku, sithole ukuthi abantu bebechitha ngokungemthetho izinto kulowo msele,” kusho uMaqula.

“Imfucuza ibigcwele ngaphakathi, imigqomo engcolile kanye nazo zonke izinhlobo zezinto ongazicabanga sizithole kulo msele.”

Imvula ibe nemiphumela engemihle kwezinye zezakhamuzi, kodwa yenze umehluko omkhulu emazingeni amadamu edolobha akhungethwe isomiso.

Isikhulu se-NMBM iMeya uRetief Odendaal wabelane ngenjabulo ekhasini lakhe laku-Facebook ngezindaba zokwenyuka kwamazinga amanzi edamini i-Loerie okuyidamu elincane uma kulinganiswa nalapho amanzi asuka khona e-Kouga okuyidamu elikhulu lase-NMB.

“NgoMsombuluko odlule mhla ziyizishiyagalombili, izinga lamadamu belihlezi ku-39,9%. Namuhla liku-94,07% futhi ngiyaqiniseka ukuthi lizoqala ukuchichima maduze! Sijabule kakhulu futhi sibonga kakhulu ngalokhu.”

U-Odendaal uqhube wathi nakuba ebonga imvula, kodwa isomiso sisakhona futhi waxwayisa izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokonga amanzi.

“Imvula ayanele ukunqanda isomiso futhi izindawo eziningi azizange ziyithole ewele ngasogwini.

“Ngakho-ke, lesi somiso sisengenzeka. Nginxusa zonke izakhamuzi ukuthi zisebenzise amanzi ngokuwonga.”

Isithombe esingenhla: Isakhamuzi esihamba emanzini sisindisa impahla yaso

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva